USIHLALO we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthi kade kwasa abantu beyingcwaba iphila i-ANC, bethi izokwehlulwa okhethweni kodwa ibuye. Amaqembu amaningi asongela i-ANC KwaZulu-Natal, awayiniki lutho okhethweni.
Izwe kumanje lilungiselela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29 nonyaka, kanti izingqapheli nabahlaziyi bathi i-ANC ingase ilahlekelwe amavoti iphume emandleni.
UDuma onguMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha esifundazweni, ube nengxoxo ekhethekile neSolezwe, echaza ngomkhankaso wokubuyisela i-ANC emandleni.
UDuma okhethelwe kwesikaSihlalo kaKhongolose ngoJulayi 2022, ubehleli enethezekile kusofa ekhuluma ngokukhulu ukuzethemba echaza ngokuvuleleka. Uthe akusabethusi ukuthi abantu bathi i-ANC izokwehlulwa.
“Akukho soka ladla kahle imbangi ikhala vele, uma uphethe uzolandelwa. I-DA kumanje ikhanda imibiko yocwaningo engekho emthethweni. Nangesikhathi uMengameli uMbeki (Thabo) ezonqoba egwaza ibhece, kwakuthiwa i-ANC izophuma emandleni. Asikhathazekile neze, kunalokho sibona i-ANC ikhula kakhulu,’’ kusho uDuma.
I-ANC ngo-2019, yanqoba isifundazwe ngo-55.47% isuka ku-65.0%, yalandelwa yi-IFP eyakhombisa ukukhula yathola u-16.34 yaphikisa ngokusemthethweni. I-DA eyathola u-13.91% ngo-2019, yehla endaweni yesibili yokuba yiqembu eliphikisayo, yalala isithathu.
Uthe izimbangi zabo zithembisa abantu izulu nomhlaba zithi zizobakhela izindlu kodwa zingakaze zakhe ngisho umjondolo. Uthe uyakuqonda ukuthi isifundazwe iKZN siyinyama ngezizathu ezehlukene.
Uthe esokuqala; wukuthi inabantu abaningi futhi bangu-4.6 million ababhalisele ukuvota okhethweni oluzayo. Uthe futhi iKZN iyisifundazwe esicebile ngokomnotho yingakho kunesasasa kakhulu, iconselwa amathe.
Uthe okubanika ithemba kakhulu wukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa uke wakhankasa esifundazweni wemukelwa kahle, abantu bejabula. Uthe bakhona nabanye abaholi abasazofika bahlale cishe izinsuku eziyisikhombisa besebenza isifundazwe.
Uthe bagabe ngomqulu wezethembiso zokhetho owethulwe yi-ANC, wathi yiwona okhombisa ukuthi basazimisele ngokusebenzela abantu bakuleli.
I-ANC ibeke amaphuzu ayisithupha aphambili okuwudaba lwamathuba emisebenzi, inkinga yokwenyuka kwezindleko zokuphila, wukugxila kakhulu kubantu nezidingo zabo, wukuvikela intando yeningi nokugxilisa inkululeko bese kuba wukwakha i-Afrika nomhlaba ongcono.
UDuma uthe nakuba bengene ihlandla likahulumeni wesifundazwe seliphakathi kodwa bakwazile ukuhlela kabusha uhulumeni basebenza kahle. Ukhale ngezinselelo ezifana nezikhukhula ezishaye kwezwela kodwa wathi bahlabela phambili.
“Kuningi esikwenzile phezu kokuthi kube khona izikhukhula, kwagadla iCovid-19 nezibhelu zangoJulayi 2021. Uma ubheka izethembiso zethu zokhetho, phezulu eqhulwini, amathuba omsebenzi. Uhulumeni siwuthumile yingakho ubona izinhlelo ezifana noSthesha Waya Waya,’’ kusho uDuma.
Uthe bakhele phezu kwesisekelo esihle esiqalwe wondunankulu baphambilini abenze umsebenzi omuhle esifundazweni. UDuma uthe kufanele abantu bakuqonde ukuthi ezinye izinselelo zidalwa wukungahambi kahle kwesimo somnotho emhlabeni wonke.
Uthe i-ANC ithathwe izwe livele linezinkinga zeminyaka kodwa yazama konke okusemandleni ukusebenzela abantu bakuleli. Uthe namanje banalo ithemba lokuthi abantu bazobumbana bavikele izwe labo kuqhutshekwe nombono kaMnuz Nelson Mandela.