IZINYUNYANA zabasebenza kwaSAA zithi sizoqhubeka isiteleka futhi kungenzeka zinxenxe nezinye ukuthi zibe yingxenye yalesi siteleka.
I-The South African Cabin Crew Association ithe isaxoxisana nezinye izinyunyana ukuba zibe ingxenye yesiteleka.
Abasebenzi bakwaSAA balwela ukuthi bangadilizwa, bafuna ukunyuselwa namaholo.
IPhini likaMengameli weSouth African Cabin Crew Association (SACCA), uMnuz Christopher Shabangu, utshele i-eNCA ukuthi bazoqhubeka nokuteleka kuze kuphume isixazululo ezinkingeni ababhekene nazo.
“Uma kungaveli isixazululo sizoqhubeka nokuqinisa isiteleka. Kubalulekile ukuba sisilungise lesi simo. I-SAA ngeke ithi ayiyenzi inzuzo ekubeni ilahlekelwa uR52 million ngosuku. Ukulahlekelwa kwabo uR52 million kusho khona ukuthi ngosuku iyona mali abayenzayo. Ukuqinisa kwethu isiteleka asikwenzi ngoba sithanda kodwa siphoqelekile ukuze sizoqeda yonke le nkohlakalo ekwa-SAA.”
Okhulumela iNumsa, uNkk Phakamile Majola-Hlubi, uthe bazoqhubeka nokumisa yonke into kwaSAA wathi abajiki.
Khonamanjalo izolo ibamba lesikhulu esiphezulu, uNksz Zuks Ramasia, sikuqinisekisile ukuthi bakubeka phambili ukuphepha kwabagibeli ezindizeni zabo.
Lokhu kulandela izinsolo
zeSouth African Cabin Crew Association neNumsa zokuthi kulethwa abasebenzi abangenawo amava njengoba kutelekiwe.
“Sinxusa abeSACCA neNumsa ukuba bayeke ukufafaza okungelona iqiniso ukuthi izindiza zethu aziphephile. Ukuphepha yikhona okuhamba phambili kubagibeli bethu,” kusho uNksz Ramasia.