ILUNGU lesigungu esiphezulu le-ANC lithi akungadukiswa abantu, ayikho inhlangano yezepolitiki ebizwa nokuthi uMkhonto weSizwe (MK).
UMnuz Sihle Zikalala ukhulume kanje esontweni e-UCCSA, eNanda, ngeSonto.
Ubekade eyisikhulumi sosuku ethula isifundo kuhlonishwa amaqhawe ayabamba ishisa, elelwa inkululeko yezwe.
"Ayikho inhlangano yepolitiki ebizwa ngokuthi yiMK Party kodwa iZuma Party. UMkhonto weSizwe kwakungelona iqembu lepolitiki kodwa uphiko lwezempi le-ANC," kusho uZikalala.
Ukhuthaze abantu ukuthi baye kovota ngoMeyi 29, wathi ukhetho oluhlukile kunezinye izinketho esezike zabakhona kule minyaka engu-30 yentando yabantu.
UZikalala uthe lolu wukhetho oluzocacisa ngekusasa leNingizimu Afrika.
"Izinhlangano ezinomqondo ofanayo nowe-DA ziya ngokukhula njengoba sezibuya seziyi-ActionSA, Rise Mzansi ne-BOSA. Ngakolunye uhlangothi, sinamahlubuka afana ne-EFF nalokhu okubizwa ngokuthi uMkhonto weSizwe okuyiZuma Party," kusho uZikalala.
IPhini likaNobhala we-ANC eThekwini, uMnuz Nkosenhle Madlala, osebenzise usuku lwakhe lokuzalwa wahlanganisa lesi sifundo, uhambe emazwini kaZikalala ekhuthaza abantu ukuthi bayovota.
UMadlala uthe kubalulekile ukuhlonipha abalwela umzabalazo nemiphakathi abavela kuyona.
"Kuhle ukuvota ngoba uzikhethela wena umuntu ofuna akumele ezintweni ozifunayo. Simeme imindeni engu-25 eyashonelwa amalungu ayo, siyiphe okuncane, sikhombise ukuthi yize sinezinkinga ezingaka kepha asikhohliwe iyona," kusho uMadlala.
UNksz Sibongile Shabalala waseNewtown A, eNanda ongumamkhulu wowayeyelungu le-ANC elashona, uNksz Nompumelelo Shabalala, uthe kubathoba amanxeba ukubizwa i-ANC izokhumbula izihlobo zabo.
"Sijabulile sonke siwumndeni kaMpume ngoba kwakubuhlungu esishiya emhlabeni. Impilo yashintsha ekhaya ngoba sasesibheke yena. Abantu abangafuni ukuyovota benza iphutha abazosisola ngalo impilo yabo yonke," kusho uNksz Shabalala.