UKUXHIFIKA izinduna engalutholi usizo, kuholele ekutheni alandele umkhakha owelapha isikhumba udokotela osenendawo yakhe yokusebenza eThekwini.
UDkt Lungile Mhlongo (30), ngonyaka odlule, uvule iNuma Medical Aesthetic eMhlanga. Uthe indlela ayexhifike ngayo ebusweni, waze waphathwa ukhwantalala esephila ngokuzivalela endlini. Ukuzama bonke okhilimu besikhumba kwamenza ukuthi afune ukutholela nabanye usizo.
“Ngisemncane ngangingenayo inkinga yesikhumba, ngaqala sengineminyaka eko-20. Ayikho into engingayizamanga, ngizama nokufihla izinduna nge-make up kodwa nalokhu kwangasiza.” echaza.
Uthe wazenzela ucwaningo wathola ukuthi kunenye indlela yokwelapha isikhumba ngodokotela abasemkhakheni we-Aesthetic. Echaza ngomsebenzi wakhe, uDkt Mhlongo, uthe waqala ngokusebenza njengodokotela owelapha njengabo bonke KwaDukuza eminyakeni emibili edlule. Ubesevele eqalile ukufundela i-Aesthetic ngesikhathi eqala ukuvula indawo yakhe KwaDukuza. Namanje usaqhubeka nomsebenzi wokuba yiGeneral Practitioner KwaDukuza. Uthe alukho uhlobo lwezinkinga zesikhumba ezingalapheki, inkinga ukuthi abantu abafundisekile. Uthe ukwazi nokwelapha izibazi uma umuntu alimala.
“Kuya ngokuthi sezinesikhathi esingakanani izibazi emzimbeni kodwa ziyelapheka. Ezinye uma sezindala kakhulu azibe zisasuka unomphelo kodwa ikhona indlela yokwenza zingagqami,” kusho yena.
Ngaphandle kokwelapha isikhumba, uDkt Mhlongo, uphinde afake ama-drip okunikeza umdlandla, athe asiza kakhulu labo asebentekenteke ngenxa yezifo ezingalapheki. Lo dokotela, isikhathi esiningi, usichitha emgwaqweni njengoba esebenza KwaDukuza naseMhlanga nsuku zonke.
“Ngiqala eMhlanga ngo-8 ekuseni bese ngo-11.30 ngiye KwaDukuza kuze kushaye u-4.30 ntambama. Ngiqeda KwaDukuza ngiphindele eMhlanga ngisebenze kuze kushaye u-8 ebusuku. Angizizwa nokuthi ngiyagqilazeka ngoba ngenza into engiyithandayo. Ayikho into engijabulisa njengokubona umuntu efika enezibazi bese egcina esulekile esikhumbeni ngenxa yosizo,” echaza.
Uthe usefundisa ngisho umphakathi ezinkundleni ezahlukene ngokunakekela isikhumba ngoba baningi abalahlekelwe ukuzethemba ngenxa yale nkinga.
UDkt Mhlongo okhulele KwaNgcolosi, waqeda u-matric eBizimali High eNkandla, ancoma khona ukuqeqesheka ngokuzikhandla ngemfundo. Wadlulela e-University of KwaZulu-Natal wafundela iBachelor of Medicine and Surgery, wathweswa iziqu ngo-2013. Waqeqeshwa ezibhedlela eMahatma Ghandi Memorial, e-Addington naseMontebello. Ubuye wathola iDiploma kwi-Aesthetic Medicine e-American Academy of Aesthetics. Unengosi yokufundisa ngesikhumba nezempilo kwiKhwezi Community Radio. Unezingane azisiza ngokuzithengela imifaniswano ezikoleni ezahlukene.