OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma ushaye wachitha kwiKhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana usihlalo wayo, uJaji Raymond Zondo echitha isicelo sakhe sokuthi ahoxe kule khomishini ngoba emsola ngokuchema.
Ngesikhathi ephendula isicelo sikaZuma ngoLwesine ekuseni uZondo umchazelile ukuthi kusukela ekuqaleni wayazi ukuthi ikhomishini yabekelwa ukuphenya ngenkohlakalo kuhulumeni nakumabhizinisi kahulumeni. Uthe ukuvela kofakazi okubalwa kubo uMnuz Mcebisi Jonas, owayeyiphini likangqongqoshe wezimali abethula ubufakazi ngoZuma bekuphoqa ikhomishini ukuthi imbizele esitikini azobeka uhlangothi lwakhe.
Uthe kuyamxaka ukuthi kungani uZuma kumthathe iminyaka emithathu ukuzwakalisa isikhalo ngokubekwa kwakhe njengoSihlalo weKhomishini.
UZondo uqhube wasiphikisa nesikhalo sikaZuma sokuthi useke wabeka inkulumo enokuchema phakathi ngesikhathi ephendula ofakazi kule khomishini. Uthe ngisho ijaji enkantolo livumelekile ukubuza ofakazi imibuzo ukuze liqonde kangcono ubufakazi.
“Ngiyasichitha isicelo sokuthi ngizihoxise kule khomishini,” kuphetha uZondo.
Ephendula isinqumo sikaZondo ummeli kaZuma uMnuz Muzi Sikhakhane uthe ngeke besaba yingxenye yekhomishini. Uthe bazocela sibuyekezwe isinqumo sikaZondo ngoba ube yijaji odabeni olumthinta ngqo. Uthe bazombika kwiJudicial Service Commission ngendlela aziphathe ngayo kule khomishini.
U-Advocate Paul Pretorius wekhomishini usheshe wamkhumbuza uSikhakhane ukuthi isinqumo sokushiya kukaZuma kwiKhomishini kuzobe kungukuphula umthetho kwazise kunencwadi emphoqayo ukuthi avele. Uthe kulele kuZondo ukuthi anqume ukuthi kuyaqhutshekwa yini noma cha. Kuthathwe ikhefu okuthe uma sekubuywa kulo uZondo wadalula ukuthi uZuma useshaye utshani ngaphandle kokucela imvume kuyena.
“Sengitshelwe ukuthi uMnuz Zuma usehambile. UMnuz Zuma ubekhishelwe amasamanisi okuthi avele kwikhomishini kuleli sonto kusukela ngoMsombukuko kuya kuLwesihlanu ngaphandle uma evunyelwe imina ukuthi angaveli. NgoLwesibili abameli bakhe bacele ukuthi angaveli ukuze aye emngcwabeni, ngakuvumela lokho. Namhlanje uhambe ngaphandle kokucela ukushiya. Yinto engiyithathela phezulu le ngoba bekusamele aqhubeke afakaze aphendule imibuzo ngezinto esiziphenyayo njengekhomishini,” kusho uZondo.
Uthe ikhomishini isazoludingida lolu daba kodwa ngeke isahlala kuleli sonto ngoba belihlelelwe ukuvela kukaZuma kuphela.