INTATHELI YESOLEZWE
KUNGAKAPHELI sikhathi esingakanani ebuyile kuthelevishini ngomdlalo i- Ayeye ne Sibaya kuMzansi Magic, umculi wekwaito uZola usephinde wagixabezwa ngomunye umsebenzi wethelevishini.
UZola owazakhela udumo ngomdlalo wethelevishini i Yizo Yizo, uhlelo lwakhe i Zola 7 nangomculo, uzokwethula uhlelo olukhuluma ngento eyenzekayo Utatakho.
Lolu hlelo luzoqala ukukhonjiswa kuMzansi Magic (DStv channel 161) kusukela ngoJulayi 7 ngo-7.30 ebusuku.
Kuzokhonjiswa iziqephu ezingu-13.
Uhlelo luzobe lulungisa izinkinga zabazali ngokuthi kwenziwe ulibofuzo kuphenduleke imibuzo engaphenduliwe yokuthi empeleni ngubani uyise wengane.
UZola yena uzobe engumxazululi futhi uzobe ephenya kabanzi ngalokhu.
Uhlelo Utatakho luzoqhamuka nesisombululo nokuqonda ukuthi kungani oyise bengabi yingxenye yempilo yezingane zabo.
Kuzobe kuvela uZola ekhuluma noyise, unina nengane.
Ngisho ngabe uyise akafuni ukuvuma ukuthi ingane ngeyakhe, unina ofuna ukuqinisekisa ukuthi uyise wengane ngothi nguye noma ngabe ngumuntu osekhulile ofuna ukwazi ukuthi ngubani uyise, lolu hlelo luzobe luzama ukusiza kulokho.
UZola uthe okumenze wakuthakasela ukuba yingxenye yalolu hlelo wukuthi lukhuluma ngento abantu baseNingizimu Afrika ebathintayo naye futhi emthintayo.
“Ngifuna abantu babone ukuthi bangaxoxa bese kuphenduleka imibuzo yeminyaka ngokusebenzisa ubuchwepheshe nenhlonipho. Nokuthi singaba nengxoxo ebalulekile ngokuba ngumzali, ngemindeni nekusasa. Ngicabanga ukuthi ababukeli bazogqugquzeleka ngezixoxwa kulolu hlelo,” kusho uZola.
Uhlelo luzobe lululeka ngokwengqondo abathintekayo futhi lugqugquzela nobumbano.