UZOKWETHULA iqembu lepolitiki emasontweni amabili ezayo uNkk Patricia De Lille osule ngenyanga edlule esikhundleni sakhe sokuba yiMeya yaseCape Town.
Namhlanje uNkk De Lille uthule inhlangano ezosiza umphakathi ebizwa ngokuthi yiFor Good athe izolekelela wonke umuntu waseNingizimu Afrika.
“Ngiye ngenza ucwaningo ngaphambi kokuthatha isinqumo sokusungula inhlangano yepolitiki futhi lukhomba ukuthi abantu bayangidinga. Ngizimisele ukusebenzela abantu baseNingizimu Afrika bazo zonke izinhlanga ngoba kwiDA bengihlukunyezelwa ukuthi ngifuna wonke umuntu abe nempilo engcono kungakhathaleki ukuthi ibala lakhe linjani. Iqembu lwami lepolitiki ngizolethula emasontweni amabili azayo futhi ngizongenela ukhetho kuzo zonke izifundazwe,” kusho uNkk De Lille.
Uthe usenawo amandla okukhankasa nokusebenza ngoba ipolitiki isegazini lakhe futhi uzimisele ukusebenzela izwe.
Uthe uhlu lwabo lokuheha abavoti imanifesto luzobe selulungile ngoJanuwari futhi akangabazi ukuthi bazoheha abantu abangazwani nenkohlakalo abafuna impilo engcono.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema uthe bayamamukela uNkk De Lille ngoba uzophuca iDA ivoti lamaKhaladi okusho ukuthi uma i-EFF ihluleka ukungena kwesokwengamela izwe, izokwazi ukuba yiqembu eliphikisayo lokuqala bese kulandela amanye.
Uthe bayamhlonipha uNkk De Lille ngoba ungumholi onesibindi ongavumanga ukumela ubandlululo oludla lubi kwiDA.