Lesi sikhwama, iSihle Zikalala Development Trust, sethulwe eCoastlands Hotel, eMhlanga, ngoLwesine lapho uZikalala ethe phambilini bebelekelela izingane zosopolitiki ababesebenza nabo asebashona.
Uthe akuzona zonke izinto ezizofezwa nguhulumeni kepha nemiphakathi kumele ibhukule.
Uthe lesi sikhwama sizosebenza nezikhungo zemfundo ukufundisa izingane ezihlwempu, ukufundisa imiphakathi ngezinto ezahlukene ezikhungethe izwe, ukugqugquzela ukuhlala ngokubekezelelana, ukufukula imindeni ehlwempu nokunye.
“Siyazi ukuthi kunabantu abahlupheka ngisho sebethole usizo kuhulumeni. Kumele sidlale indima yethu ekufundiseni abantu ukuthi yize kukuhle ukuthola isibonelelo sikahulumeni kodwa kungaba kuhle kakhulu ukuqhamuka nendlela yokuphila,” kusho uZikalala.
Uthe yena ukhulele emphakathini ohlwempu waKwaSankoni, eNdwendwe, nokuyilapho efunde khona ukuthi umuntu ngumuntu ngabantu.
“Emphakathini wangakithi, akekho owayehamba ehleba ukuthi sibheda kanjani isimo sakwamakhelwane. Abazali bethu babehlangana beseke umndeni oswele. Sikhule kanjalo sakuqonda ukuthi umuntu ngumuntu ngabantu futhi ingane ngeyomphakathi wonke.”
UZikalala uphinde wethula amalungu esikhwama sakhe okungoSolwazi Thokozani Nzimakwe, Khanyisile Kweyama, Nobuhle Nkabane, Jaco Pienaar, Kwazi Mshengu, Ntokozo Zungu noThulani Mpanza ongumphathi waso.
Emcimbini bekukhona izicukuthwane ezahlukene okubalwa kuzo ongqongqoshe abahlukene baKwaZulu-Natal, iMeya yeTheku uMxolisi Kaunda, usomabhizinisi uDuma Ndlovu nabanye.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke, uNksz Lindiwe Zulu egameni le-ANC, unxuse ukuthi lesi sikhwama sesekwe.