UYASHUBA umbango wezikhundla ezifundeni ze-ANC KwaZulu-Natal njengoba sezihubela sakusha ngezingqungquthela zokukhetha ubuholi.
Njengoba iqhubeka imihlangano yamagatsha e-ANC yokuphakamisa amagama alabo abazongenela umbango wezikhundla, sekuvele namagama amasha abagaqele lezi zikhundla.
Izifunda ezingu-10 kulesi sifundazwe kulindeleke ukuthi zibe nezingqungquthela zokukhetha ubuholi kule nyanga.
Awakabibikho amagama amasha asavelile kwisifunda esibhekwe ngabomvu, eThekwini, nokuyiso esikhulu kunazo zonke kwi-ANC.
Umbango wokuhola lesi sifunda ubukeka usephakathi kowayengusihlalo waso, uNkk Zandile Gumede, noMnuz Thabani Nyawose, owazakhela udumo ngokuba ngomunye walabo ababephambili ekwesekeni umengameli uMnuz Cyril Ramaphosa ngaphambi kwengqungquthela kazwelonke yango-2017.
Kwisifunda iMoses Mabhida, kubukeka umbango uzokuba phakathi kwalabo abebengamathe nolimi, uMnuz Mthandeni Dlungwane noMnuz Mzi Zuma.
UDlungwane noZuma bebengusihlalo kanye nonobhala ngaphansi kobuholi balesi sifunda obahlakazwa ngo-2018.
Okushaqisile kulesi sifunda ukuba igama lelungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Thulani “Two-ways” Xulu, limataniswe nalabo abeseka uDlungwane.
UXulu, okwaqale kwavela ukuthi uzophonsela uDlungwane inselelo kwesikasihlalo, uphakanyiswe yilabo abeseka uDlungwane ukuba angenele esikasekela sihlalo.
Esifundeni Inkosi Bhambatha khona kuvela amagama abathathu.
Kulindeleke ukuthi umbango ube phakathi kukasihlalo walesi sifunda, uMnuz Lucky Moloi, iMeya yaseMvoti, uMnuz Thami Ngubane, nosihlalo wophiko lomama, i-ANCWL, kulesi sifunda, uNksz Ntombi Ngubane.
Esifundeni iMusa Dladla umbango uzokuba phakathi kukasihlalo walesi sifunda, uMnuz Mdu Mhlongo, kanye nesekela sihlalo, uNkk Thembeka Mchunu.
EMalahleni umbango uzokuba phakathi kukasihlalo walesi sifunda, uDkt Ntuthuko Mahlaba noMnuz Senzo Khumalo.
Esifundeni oKhahlamba, kuvela uMnuz Meli Zondo, uMnuz Bongani Dlamini noMnuz Sifundiswa Lunga.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uthe okwamanje isahamba kahle imihlangano yamagatsha.
Imihlangano yamagatsha iqale ngenyanga eyedlule kanti kulindeleke ukuthi iphothulwe kule nyanga.
“Kuzokuthi uma isisongiwe imihlangano yamagatsha, bese siyabona ukuthi izifunda zikulungele yini ukuya ezingqungqutheleni.”