UPHIKA ulala ngomhlane umfundisi waseChibini, iSt John’s Apostolic Faith Mission kwa-G eMlaza, uMnuz Khayelihle Makhaye, ngezinsolo zokuqola abazalwane bakhe imali elinganiselwa ku-R4 000 umuntu ngamunye ngemuva kokubathembisa ukubafaka emsebenzini kwaTransnet.
Lo mfundisi uzifikele mathupha emahhovisi e Solezwe ngoLwesibili ngenhloso yokugeza igama lakhe.
Kepha abazalwane bakhe abathukuthele, bathe uphika ubala ngoba imali bayinika yena esandleni.
“Okokuqala laba bantu akubona abazalwane bami, ngosomathuba abafika ebandleni ngoba bezwe ukuthi abantu bayasizakala. Bafika izikhawu ezingaphansi kwesikhombisa, kababhabhadisiwe, futhi abanalo ikhadi lobulungu.
“Yigenge yangasekhaya le efike ebandleni ngoMashi noma ngo-Ephreli kulo nyaka ifuna amanzi okuphalaza nokuchatha ukuze kulunge izinto zayo. Emuva kwabo kwafika intombazane yakwaTransnet ihamba ngemoto enemibhalo yale nkampani yathi isonta eChibini KwaMashu. Yafika yaze yasebenzela nabantu abangasebenzi, ngokubanikeza amanzi okuchatha nokuphalaza. Ngelinye ilanga yathi lapho isebenza khona zikhona izikhala kodwa ziyakhokhelwa. Ngayitshela ukuthi ayikhulume nayo igenge ngoba vele manje ayisekho into engakhokhelwa,” kusho uMakhaye.
Uthe lo wesifazane owazibiza ngoMandisa Mkhize waqala wathi kukhokhwa u-R10 000, wamtshela ukuthi angadlali ngabantu baseChibini, wambuza ukuthi bazoyithathaphi imali engaka.
“Wathi uzokhuluma nabo bayehlise ibe ngu-R4 000. Ngabe sengiyitshela igenge le engasebenzi ukuthi nangu lo muntu usho kanje. Babembona efika esontweni akhulume nabo. Abanye babeno-R2 000 abanye no-R700. Ngagcina sengibagcwalisela ngemali yami ngoba ngithi sizobona uma sebesebenza. Abanye babemnikeza esandleni lo sisi, abanye bayinikeza mina ukuze ngiyidlulisele kuyena,” kusho uMakhaye.
Uthi wethuka ngoJuni ngesikhathi esekhempini yesonto eMzimkhulu eseshayelwa ucingo ngomakhelwane bakhe bethi bekufike abantu namaphoyisa esontweni lakhe.
“Ngezwa sengibuyile ukuthi le genge isingifake enkantolo ifuna imali yayo kumina. Angazi kungani beyifuna kumina ngoba bayamazi umuntu owathatha imali yabo.
“Iphutha lami kwakungukuthemba umuntu ongalungile okwenza ukuthi nabazalwane bami bamethembe. Ngigcine sengithola ukuthi igama lakhe langempela nguGugu Jwara waseLovu. Kuthiwa usebaqedile nakwamanye amabandla ezindaweni ezahlukene ezakhele iTheku,” kusho uMakhaye.
Omunye wabazalwane abaqoliwe uthe sebelinde ukuthi batholane nomfundisi eNkantolo yaseMlaza ngo-Agasti 17.
“Sesize salunikezwa usuku lwecala, ngakho amanyala alo mfundisi sizowandlala wonke enkantolo. Sinobufakazi bemiyalezo kuWhatsApp.
“Lo sisi sazitholela thina ukuthi usebenzisana nomfundisi ngemuva kokuthi kufike umuntu othi uqolwe nguyena. Akakaze akhulume nathi, ngumfundisi owathi unolayini wakwaTransnet. Imali sayinika yena esandleni iphelele,” kusho umzalwane.