Izindaba

Ucele empunzini oshayise amatekisi amabili eDube Village

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kulimale abagibeli abathathu imoto ekhokhelwa ngebanga ishayisa amatekisi amabili kuM25 ngaseDube Village Isithombe: KZN VIP Protection Services

KUTHIWA uphele emehlweni umshayeli wemoto ekhokhelwa ngebanga ngemuva kokushayisa amatekisi amabili kuM25 ngaseDube Village.

Abezimo eziphuthumayo basendaweni yesehlo, bathathu abagibeli okubukwa ukuthi balimele, kodwa akekho osesimweni esibucayi. Kuphazamisekile ukuhamba kwezimoto kule ndawo, kunxuswa abashayeli ukuba basebenzise eminye imizila.

Okhulumela abamatekisi eGreater North uMnuz Kubheka uthe ngokombiko awutholile, umshayeli wemoto encane ubalekile washiya umnikazi obelimele phakathi emotweni.

“Umbiko engiwuthole komunye wabanikazi bamatekisi alimalile wukuthi umshayeli wemoto encane ubehamba nomphathi wakhe okuthe ngemuva kwengozi wabaleka umshayeli washiya umphathi wakhe elimele, ” kusho uKubheka.

Uqhubeke wathi umnikazi wemoto encane kuthiwa wehle ku-ambulensi ebimhambisa esibhedlela wathi akakwazi ukushiya imoto yakhe eyodwa engazi ukuthi kuzokwenzekani kuyo.

Le ngozi ilandela enye eyenzeke kuM25 ngaseCrossini lapho kushayisane khona izimoto ezincane ezimbili zaphonseka emanzini. Amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo basendaweni yesigameko.