OWESILISA waseSoweto, eGoli, osolwa ngokubulala umndeni wakhe kuthiwa ugwaze izingane zakhe epaki abejwayele ukuyodlala kuyo nazo njalo ngezimpelasonto.
Akukaziwa ukuthi inkosikazi yalo wesilisa ibulawe kanjani njengoba isidumbu sayo sitholwe sesonakele ehlathini ngaseJabulani Hostel, eZondi.
Kusolwa ukuthi lo wesifazane (47) wabulawela ekhaya labo ngaphambi kokuthi isidumbu siyobekwa kwenye indawo. Kutholwa izidumbu zabo nje bekubike umndeni emaphoyiseni ngokuduka kowesilisa ongumsolwa oneminyaka engu-48, inkosikazi yakhe, nezingane ezimbili ezineminyaka engu-10 nengu-11 ngoNovemba 1 nonyaka.
Owesilisa uqhamuke esehamba yedwa ngoLwesithathu ngaphandle komndeni wakhe. Ubanjwe amalungu omphakathi amyisa esiteshini samaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Mathapelo Peters uthe lo wesilisa uhole amaphoyisa ehlathini elingaseJabulani Hostel lapho kutholwe khona isidumbu somkakhe, waphinde wawayisa eMofolo Park endaweni ebizwa ngeFive Roses kwatholwa izidumbu zezingane.
“Izingane zitholwe zinamanxeba okugwazwa amaningi. Ngokusho kwabantu emphakathini umsolwa ubeza kule paki nezingane njalo ngempelasonto,” usho kanje.
UPeters uthe baphinde babheka ukuthi awekho yini amanye amacala okuhlukumeza ekhaya ake abikwa ngalo wesilisa kwatholwa ukuthi awekho.
Umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo yemantshi eProtea ngoLwesihlanu.