KUNGENZEKA sande isibalo sabashone kuhlasela izikhukhula ezihlasele eMargate, ePort Shepstone ngeSonto ntambama.
Lokhu kudalulwe okhulumela uMasipala Ugu, uMnuz France Zama ngesikhathi ekhuluma neSolezwe mayelana nomshophi obavelele kule ndawo.
Uthe okwamanje bahlanu abantu abangaqinisekisa ukuthi bashonile ngenxa yezikhukhula.
Uthe kunezimoto ezivaleleke ngaphansi kwebhuloho eliya eMargate ngasemfuleni iNkangweni.
"Sizobheka ukuthi izimoto ezivaleleke ngaphansi kwaleliya bhuluho bezinabantu yini noma cha. Uma kwenzeka ukuthi bezinabantu kuyacaca ukuthi sizokwanda isibalo sabantu abadlule emhlabeni bakule ndawo ngenxa yezikhukhula,'' usho kanje.
Ukhale kakhulu ngomonakalo athe mkhulu odalwe yilzikhukhula.
Uveze ukuthi umonakalo okwamanje abakwazi ukusho ukuthi ungalinganiselwa emalini engakanani.
Ukhale kakhulu nangokukhahlamezeka kwengqalasizinda. Wathi le ndawo ithandwa kakhulu yizivakashi, uthe ukukhahlamezeka kwayo ngalolu hlobo kungaphazamisa ezokuvakasha.
Udalule nokuthi nezikhungo eziphehla amanzi zikhahlamezekile.
Uveze ukuthi abezimo eziphuthumayo bebematasa bekuyona le ndawo.
Okhulumela uMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Siboniso Mngadi, uthe bathumele ithimba lezinhlekelele ukuze liqaphe ngelokhozi okuqhubekayo ngemuva kwezikhukhula.
Ngaphandle kwaseMargate izikhukhula kuvele ukuthi zidale umonakalo nakwezinye izindawo ezisogwini oluseningizimu kubalwa, uMgababa noMzinto.
Amalungu omphakathi aseMzinto akhahlamezekile abalise ngokuthi izindlu zawo ziwe bhu phansi.
UMnuz Zakhele Sibisi uthe akazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani ukuze aqale phansi akhe umuzi wakhe wamagumbi amane odilike kuhlasela izikhukhula.
"Inzima kakhulu le nto esehlele mina nabantwana bami. Kuyimanje nje angazi nokuthi ngizolalaphi ngoba ngiswele indawo yokulalala,'' usho kanje.
Elinye ilungu lomphakathi lakhona eMzinto, uNksz Snegugu Makhanya, lithe abazi ukuthi bazolallaphi njengoba izikhukhula zicekele phansi indawo abebehlala kuyo.