ZIYIKHALELE indodana esolwa ngokudubula uyise kade ezama ukuyishaya eyiphuca isibhamu sakhe esisemthethweni okuthiwa besintshontshwe umsolwa eNkanini eMuden, ngaphandle kwaseGreytown.
UMnuz Bonaliphi “Mampanza” Nkomo (53), ushonele esibhedlela kulandela ukudubuleka esiswini esigamekweni esenzeke ngesonto eledlule.
Ngokuthola kweSolezwe, umsolwa wayethathe isibhamu sikayise esisemthethweni ngaphandle kwemvume yakhe ngoLwesibili ngeledlule.
Umufi kuthiwa wabona ukuthi isibhamu sakhe asikho, wabe eselandela indodana yakhe.
Endleleni wathola ukuthi ngempela iyona ethathe
isibhamu sakhe, wabe esezama ukuyishaya, ngenhloso yokuyiphuca isibhamu.
Umsolwa kuthiwa wavele wadubula uyise esiswini.
Uyise kamsolwa wabe esephuthunyiswa esibhedlela saseGreytown, wayiswa kwesinye esikhulu iGreys eMgungundlovu, wafike washonela khona ngempelasonto edlule.
Indodana, kusolwa ukuthi bekunomuntu ebixabene naye, ibifuna ukuyomdubula ngesibhamu sikayise.
Induna yakule ndawo, uMuz Siyaya “Cocacola” Ndawonde, ithe bakhungathekile ngokwenzeke ekhaya lakwaNkomo.
“Namhlanje (izolo), bengibize umhlangano womphakathi kule ndawo ukuze sizoxoxa ngalolu daba olusishiye sikhungathekile. Enjani indodana ebulala uyise eyizala?
“Empeleni nje, komunye umuzi kukhona ubaba wakhona naye oshaywe kanzima izingane zakhona. Inkinga esesinayo ukuthi lezi zingane zizosibulala.
“Esibhekene nakho ukuthi uma sibikela amaphoyisa
athi zisencane lezi zingane, zidedelwe kubo abazali, abasuke sebexakekile yizona. Uma sizishaya ngoba zihlupha, nathi siyaboshwa.
“Asazi ngempela ukuthi ikuphi ekumele sikwenze?” kusho uNdawonde.
Uthe lolu daba okwamanje bazoliyeka ezithebeni zabomthetho njengoba umsolwa eboshiwe.
Uthe lesi simo siphoxe kakhulu indawo yabo futhi kubadumazile kakhulu okwenzekile.
Ngokuthola kweSolezwe umsolwa uboshwe ngoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe likhona icala elavulwa lokuzama ukubulala, kwabe sekuvulwa elokubulala eseshonile umufi. Umsolwa uboshiwe.