UTHELEKELWE umphakathi wamshaya washona owesilisa waseMlaza okuthiwa ubehlale ehlukumeza unina wezingane zakhe ngokumshaya.
Kuthiwa lo wesilisa owaziwa ngoMnuz Mlu Sithole (30) obaziwa endaweni ngokuthi uhlala eshaya unina wezingane zakhe, ngeSonto ushaywe umphakathi washona ngesikhathi elwa nonina wazo.
Umufi, okuthiwa ubedinwe egane unwabu futhi ephuzile, kuthiwa uphihlize ifastela lakubo kanina wezingane obezivalele ngaphakathi endlini.
Akucaci ukuthi ifastela ubelibulalela ukungena ngalo noma ubelicekela phansi.
Umthombo waleli phephandaba, uthe lo wesifazane ucele umphakathi obekukhona nabafowabo ukuthi umsize umvikele.
“Umphakathi uphume ngobuningi bawo wamthelekela umufi wamtitinya, abanye bebemshaya ngamatshe abanye ngezinduku, ushonele khona lapho,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa.
Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Bheki Mngwengwe, uthe ngokuthola kwakhe umufi obephuzile ubejwayele ukuhlukumeza unina wezingane zakhe.
NgeSonto kuthiwa baxabanile yize kungaziwa ukuthi bebebangani.
“Owesifazane obeshaywa umemeze abafowabo abebekhona egcekeni ecela ukuthi bamvikele kuyise wezingane zakhe.
“Abafowabo kuthiwa bahlabe umkhosi komakhelwane nasemphakathini.
“Kuphume abantu abaningi bamthelekela umufi ngezinduku nangamatshe, washonela khona lapho,” kuso yena.
Uqhube wathi ngokuzwa kwakhe, umufi uhlala esigcemeni sakwaR, ubejwayele ukufika kulesi sigceme eze kunina wezingane zakhe.
UCapt Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, usiqinisekisile lesi sigameko wathi ngokuthola kwamaphoyisa owesilisa oneminyaka ewu-30, ushaywe umphakathi washona ngemuva kokuthi ephihlize ifastela ekhaya lowesifazane ohlala kwaM, eMlaza.
“Amaphoyisa aseMlaza asaphenya ngalesi sigameko, okwamanje bekungakaboshwa muntu,” kusho yena.