USOLA umona usomabhizinisi waseMthebeni eNdwedwe oshiselwe imishini yakhe emibili yokumba isihlabathi ebiza ngaphezu kukaR3 million izolo entathakusa.
UMnuz Nicholas Ngcobo ongusomabhizinisi ohweba ngesihlabathi sokwakha izitini nokusimenda uthe uthuke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi ebona imishini yakhe ishisiwe.
“Ngithe ngifika ngizobheka imishini ekuseni ngabo-5, ngathola ukuthi ishisiwe, ngiyasola ukuthi ishiswe intathakusa ngoba ngifike isashunqa,” kusho uNgcobo.
Uthe le mishini ubeyicelele emzini oseMona eduze kwalapho esebenzela khona.
“Le mishini ngiyisebenzisela ukumba isihlabathi esigudle umfula iMona khona lapha eNdwedwe,” kusho uNgcobo.
Uthe le mishini ubeyiqashile ngohlelo lokuthi kugcine sekungeyakhe.
“Omunye ubiza R2.5 million, lona omunye ubiza uR1.2 million. Ngilimele kakhulu ngokusha kwayo ikakhlukazi njengoba omunye wabo ubungenawo umshwalense,” kusho uNgcobo.
Uthe kunzima ukuqagela ukuthi ngabe imishini ishiswe ngubani.
“Umuntu uhlale enezitha nangazazi kodwa ngiyasola ukuthi le nto ihlangene nomona ngoba kukhona umhlangano engike ngabizelwa kuwona abanye esenza nabo umsebenzi ofanayo bethi kumele ngiyeke ukudayisela amaNdiya isihlabathi ngoba abasafuni ukuthi angene eNdwedwe,” kusho uNgcobo.
Uthe amaNdiya angamakhasimende akhe amakhulu ngoba anezitolo ezidayisa izimpahla zokwakha.
“Uma bethi angingabadayiseli amaNdiya kusho ukuthi ibhizinisi lami lizolimala kakhulu ngoba amaNdiya iwona afaka inzuzo eningi,” kusho uNgcobo.
Uthe into emxakayo ukuthi bona laba abathi akangawadayiseli bona bayasebenzisana nawo.
Uthe enye into emenza asole umona ukuthi nguyena kuphela osanesihlabathi, abanye abantu sesibaphelele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColenel Thembeka Mbele, uthe likhona icala lokucekela phansi impahla eliphenywayo esiteshini samaphoyisa eNdwedwe.
“Ummangali utshele amaphoyisa ukuthi uthole imishini yakhe yokumba isihlabathi ishisiwe ekuseni namhlanje (izolo),” kusho uColonel Mbele.