USASHAQEKILE umndeni wowesifazane waKwaNongoma ofike ekuqaleni konyaka eThekwini ezosebenza, ngokudutshulwa kwakhe ebusweni yisoka kulandela ingxabano.
UNksz Nobuhle Zwane (25), uvinjezelwe yisoka lakhe engena efemini asebenza kuyo esePhoenix, eThekwini, lamdubula ebusweni nasemlonyeni maqede labaleka.
Ngokuthola kweSolezwe isoka elingunogada belicikwa wukuthi uNksz Zwane akalikhulumisi kulandela ingxabano ephakathi kwabo.
Kuthiwa bebeqale ukuthandana ngoJuni nonyaka.
Uyise kaNksz Zwane, uMnuz Thokozani Zwane ekhuluma neSolezwe eKwaNongoma uthe bengumndeni basashaqekile ngesigameko njengoba bengalazi nesoka.
“Indodakazi yami cishe izoqeda unyaka yaya eThekwini ngenxa yokusebenza. Sishaqekile siwumndeni sithola ucingo lokuthi idutshulwe owesilisa ebithandana naye. Angimazi loyo muntu, angazi nokuthi ubebangeni nendodakazi yami ngaphandle kokuthi bebexabene nje. Kusithusile kakhulu lokhu okwenzekile ngoba asimazi impela lo muntu,” kusho uZwane.
Uthe okwenza bethuke kakhulu wukuthi akazi indodakazi yakhe ilimele kangakanani.
“Okwamanje ngisatshelwa efonini nje ukuthi udubuleke ebusweni nasesandleni. Inhlamvu enye ingene emlonyeni yaphuma emhlathini. Indodakazi isesimeni esibucayi impela esibhedlela kodwa ngiyamthemba uNkulunkulu ukuthi izosinda,” kusho uZwane.
Indodakazi yakhe uthe inengane esele ekhaya KwaNongoma.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt. Colonel Thulani Zwane uthe odubulile usagcwele amathafa basamthungatha.
“Amaphoyisa asePheonix avule icala lokuzama ukubula kulandela ukudutshulwa kowesifazane oneminyaka engu-25 ngaphandle kwalapho esebenza khona ngoMgqibelo. Ngokophenyo olusenziwe uxabene nesoka lakhe labe selimdubula ebusweni nasesandleni. Uphuthunyiswe esibhedlela. Indoda emdubulile isagcwele amathafa,” kusho uZwane.
Isolezwe lithole ngoyise kaNksz Zwane ukuthi kuthiwa nesoka lizidubulile ngawo uMgqibelo labe selilaliswa esibhedlela. Amaphoyisa awazange akuqinisekise lokhu.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram uthe uNksz Zwane usesimeni esibucayi esibhedlela emuva kokudutshulwa amahlandla amaningi yindoda eyisoka lakhe ngoMgqibelo ekuseni.
UBalram uthe ithimba labezimo eziphuthumayo lithintwe ekuseni emuva kwehora lesishiyagalombili libikelwa ngesigameko sokudubula esenzeke endaweni okuthungwa kuyo izingubo.
“Ngesikhathi befika bafice umgilwa elimele enamanxeba amabili okudutshulwa ebusweni nelilodwa esandleni. Bamuphuthumise esibhedlela,” kusho uBalram.
Uthe umgilwa uthi yena nesoka lakhe baqale ukuthandana ngoJuni nonyaka kodwa baxabene ezinsukwini ezedlule bangabe besakhulumisana.
UBalram uthe ngesikhathi uNksz Zwane engena emsebenzini ekuseni ngoMgqibelo isoka lakhe liye kuyena lase lidubula izikhathi eziningi kwaze kwajama isibhamu.
Kuthiwa libe selibaleka ngezinyawo. Kukholakala ukuthi lo mlisa usebenza njengonogada.
Uthe ithimba labo libe selithungatha umsolwa kodwa langamthola.