AKAWUVALI umlomo owesilisa (27) waseVryheid osinde ngokulambisa ehlaselwa yibhubesi okuthiwa namanje lisagcwele amathafa.
UMnuz Sabelo Masondo waseMagcekeni, eVryheid, uthe namanje akazi ukuthi usinde kanjani ngesikhathi ehlaselwa yibhubesi elinde umngani wakhe emgwaqweni ngemuva kwehora lesithupha ntambama ngoLwesihlanu oludlule.
Uthe ubemi emgwaqweni oya KwaCeza oseduze nesiqiwi iMawana Game Reserve ngesikhathi kuqhamuka ibhubesi phansi kwezihlahla limhlasela. UMasondo, owelashwe eVryheid Hospital, uthe ubelinde umngani wakhe abebezohamba naye baye emlindelweni ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
“Ngizwe into ibhonga ngathi uma ngiphakamisa amehlo ngabona ibhubesi. Libe selingena emgwaqweni. Ngendlela ebengithuke ngayo ngike ngama ngalibuka nalo langibuka kwayima ngibaleka ngeqa uthango ngizama ukungena epulazini eliseduzane. Ngithe sengizolweqa nje uthango langibamba ngezidladla langiluma ezimbanjeni ngaphansi kwekhwapha. Ngenhlanhla ngikwazile ukuwela ngaphakathi kwepulazi ngasinda kanjalo,” kusho uMasondo.
Uthe ube esegoduka eya ekhaya nomngani wakhe naye owayethukile ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
UMasondo uthe okumsizile wukushesha aphuthunyiswe kudokotela nasesibhedlela yimenenja yaseMawana Game Reserve, uMnuz Paul van Deventer obikelwe ngalesi sigameko yize ibhubesi kungelona elalesi siqiwi.
UMasondo uveze ukuthi usathuthumela namanje ngokumehlele.
UVan Deventer uthe wayesendlini enza ukudla ngesikhathi ethintwa ngudadewabo kaMasondo embikela ukuthi sekwenzeke lesi sigameko.
“Ngesikhathi ngisaphuthuma ngibe sengithintwa omunye umsebenzi engibikela ngaso naye. Ngendlela engangithuke ngayo ngangizitshela ukuthi ngizofica isigameko esinyantisa igazi. Ngafika ngamtshela uSabelo ukuthi ube nenhlanhla enkulu ukuthi asinde. Ulimele yena ngoba unemihuzuko kanti futhi ibhubesi lamubhoboza ezimbanjeni ngawo womane amazinyo ngasesandleni sokudla. Bekubalulekile ukuthi asheshe athole usizo lwezempilo ukuze kukhishwe uphoyizeni ngoba okwenzekile kuyingozi kakhulu,” kusho uVan Deventer.
Uthe isiqiwi sabo asiwagcini amabhubesi nezinye izilwane eziyingozi kodwa lokhu akusho ukuthi ngeke bawusize umphakathi njengoba kunale nkinga nakwezinye izidingo ongaba nazo.
Ngokuthola kwaleli phephandaba abeZemvelo sekunesikhathi bebikelwa ngebhubesi elizulazula kuleya ndawo. Umthombo waleli phephandaba uthe ibhubesi bekukhalwa ngalo kusukela ngoJuni nonyaka. Ibhubesi kuthiwa bese liyiqedile nemfuyo yabantu ngoba abanye baqale ukubona ukuthi likhona ngesikhathi kuduka imfuyo.
NgoSepthemba nonyaka leli phephandaba libike ngengebhe ebikhona kumalungu omphakathi aseHennies, eVryheid, ngenxa yezinsolo zokubonakala kwamabhubesi ecanasa.
UMnuz Musa Mntambo obhekele ezokuxhumana kwezeMvelo KZN Wildlife ukuqinisekisile ukuthi bayazi ngesigameko esehlele uMasondo futhi nabasebenzi beZemvelo sebekuqinisekisile ukuthi yibhubesi elamhlasela.
“Ngokuzithoba sinxusa umphakathi ukuthi usibikele uma ulibona leli bhubesi. Bangathinta uJabulani Biyela ku-082 708 8860,” kusho uMntambo.