USAKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa (71) waseWestham, ePhoenix ohlatshwe yinkunzi washona.
USeelan Chetty ubesendleleni eya ekhaya ngesikhathi ehlaselwa yile nkunzi ebibonakala ihamba yodwa emgwaqeni ingalusiwe.
Kuthiwa lenkunzi imhlabe kabili emlenzeni wakwesokunxele, washonela endaweni yesigameko.
UShaun Chetty oyindodana kamufi uthi umndeni wonke usashaqekile ngalokhu okwenzekile.
“Mina nomkami asihlali kule ndawo, ngakhoke asicaciselekile kahle ngokwenzekile. Angazi nokuthi ngizizwa kanjani ngalokhu, akukholakali,’’ kusho uShaun.
Uthi bekuzoba ngcono ukube ubaba ushone ngokwemvelo, hhayi ngendlela ebuhlungu kangaka.
“Umama okunguyena ohlala nobaba umuzwe ememeza ngasesangweni, uma ephuthuma eyomubheka, wathola ibhulukwe lakhe lidabukile ligcwele igazi. Kumele ukuthi kwabahlukumeza lokhu benomama,” kuqhubeka indodana.