KUSHONE umsebenzi oyedwa kusha esitolo esidayisa upende izolo, eBriardene, eThekwini.
Umufi ophume nozakwabo bebalekela umlilo, kuthiwa uphinde wabuyela ngaphakathi, eyothatha izimpahla ezidayisa kulesi sitolo kodwa wangabe esakwazi ukuphuma.
AbeNetcare 91 abaphuthume endaweni yesigameko emva kokuthola umbiko, bafice isidumbu sikamufi, silele phansi lapho okwenzeke khona isehlo.
Okhulumela ithimba labezimo eziphuthumayo, uMnuz Shawn Herbst, uthe okwamanje ayikaziwa imbangela yokusha kwebhilidi lesitolo.
“Ithimba lethu lizamile ukuxilonga umufi kodwa lathola ukuthi ubesevele eshonile. Sithole ukuthi umufi ubezama ukukhipha izimpahla ezidayisa kulesi sitolo. Akabange esakwazi ukuphuma ngenxa yelangabi lomlilo ebeliza ngamawala,” kusho uHerbst.
Kubikwa ukuthi onogada beMarshall, amaphoyisa ophiko lweSouth African Police Service ( Saps), nawomgwaqo, agcwale kule ndawo emva kokuthi ethole umbiko ngokusha kwebhilidi.
Okhulumela abezicishamlilo, uMnuz Chris de Beers, uthe bathole umbiko ngokusha kwesitolo ngabo- 1 emini.
Uthe umlilo ubusha ubuhanguhangu kwasha yonke into ebingaphakathi.
“Yize ubuyilangabi elikhulu umlilo, ithimba lethu likwazile ukuwunqanda,” kubeka yena.