SESIDLULILE emhlabeni isihlabani somculo weKwaito kuleli, uNomasonto “Mshoza” Maswangayi. Izindaba zokushona kukaMshoza (37) zidalulwe yinhlangano yomculo iSouth African Music Rights Organisation (SAMRO) kuTwitter namhlanje ekuseni.
“Imboni yomculo isiphinde yalahlekelwa. Kuyasidabukisa ukuzoqinisekisa izindaba zokudlula emhlabeni kwenkakha yomculo weKwaito uNomasonto Masangwayi, obedume ngelikaMshoza,” kusho le nhlangano kuTwitter.
Yet another loss to the music industry.
— SAMRO (@SAMROMusic) November 19, 2020
It is with great sadness that we acknowledge the passing of kwaito star Nomasonto Maswanganyi, affectionately known as Mshoza. #RIPMshoza pic.twitter.com/q9gKe25QlT
RIP: Mshoza
— Kgopolo Mphela (@PhilMphela) November 19, 2020
Kwaito star Nomasonto Maswanganyi has died.
News broke this morning of the 37 year old, mother of two’s passing. #RIPMshoza pic.twitter.com/BNGWKLeMZS
Kuvela ukuthi uMshoza ushonele esibhedlela saseGoli namhlanje ekuseni.
Just received some bad News Mshoza wamaboza is no more 😢![CDATA[]]>😢![CDATA[]]>😢![CDATA[]]>😢![CDATA[]]>😭![CDATA[]]>😭 and lapho we were instudio few weeks ago naye euuu kwaze kwabuhlung #RIPMshoza
— tipcee_ (@tipcee3) November 19, 2020
Lo mculi ozakhele udumo ngamaculo okubalwa kuwo elithi Kortes alishaya noMzambiya, ubesanda kukhuza ibuya kanzima endimeni yomculo kuleli ngezingoma i-Abantu Bami ne-Ayina Chorus. Umculi weGqom’ eThekwini uTipcee udalule ukuthi ubesendaweni yokuqopha umculo naye emasontweni edlule.