USAZOQHUBEKA nokubhadla ejele kuze kudlule ukhetho lukazwelonke olungoMeyi, uMphostoli Mxolisi Shange weTowers of Faith Ministries International njengoba ukuqulwa kwecala lakhe kuphinde kwahlehliselwa uMeyi 17.
UShange, osolwa ngokudlwengula amantombazane amane ebandla lakhe, ubevele phambi kweMantshi uNkk Ravi Pillay eNkantolo yesiFunda yaseNtuzuma izolo. Imantshi ithe iyalihlehlisa icala ngenxa yokushoda kwezithombe zendawo lapho abagilwa bethi badlwengulwa bekhona ngokunjalo nezitatimende zabamangali. UShange ubhekene namacala amane, okungamabili okudlwengula, elilodwa lokuthumba nelinye lokunukubeza ngokocansi amantombazane aneminyaka ephakathi kuka-14 no-18.
Le mikhuba kuthiwa uShange wayeyigila eLeisure Palace eNewlands West, kusuka ngo-2014 kuya kuNovemba 12, 2018.
Usegqigqe kaningi enkantolo futhi eshintsha abameli kodwa engayitholi ibheyili, kangangoba uKhisimusi uwudle esejele laseWestville lapho etoke khona.
IMantshi uBusisiwe Mkhulisi ithi okwenza inqabe nebheyili kuShange yingoba wahluleka wancama ukunikeza izizathu ezinqala zokuthi kungani kumele akhululwe ngebheyili futhi wabuye wasenga ezimithiyo enkantolo, ekubeni ayefungile ukuthi uzokhuluma iqiniso.
Khonamanjalo kuke kwaba nemibiko ethi kuphazamiseke inkonzo kwaqhuma isililo kubazalwane bebandla likamsolwa ngeSonto, ngesikhathi kuzwakala izindaba ezithi umfundisi ugwaziwe esitokisini kade ephuma kodumisa iNkosi. Le mibiko yaphikwa ngunkosikazi wakhe, izikhulu zamajele namaphoyisa aKwaZulu-Natal.