UNksz Sanelisiwe Mpungose (27), uvele enkantolo yaseMelmoth ngoLwesihlanu ngecala lokubulala umyeni wakhe uSergeant Phiwayinkosi Magwaza (59).
Umsolwa isibongo ubengakasishintshi njengoba kuvele ukuthi bebesanda kushada nomufi.
Umsolwa utokile icala lihlehlele uLwesithathu, ukuze acele ibheyili.
Umsolwa uboshwe ngeledlule ngezinsolo zokuthi wathenga izinkabi ukuba zibulale umyeni wakhe.
Iphoyisa elalisebenza eMelmoth, lahlaselwa lisemzini walo lilele naye unkosikazi emasontweni amathathu adlule. Ladutshulwa ngumuntu ongaziwa, wathatha isibhamu salo.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal uCaptain Simphiwe Mhlongo, ukuqinisekisile ukuthi icala lihlehlele uLwesithathu, umsolwa usagqunywe ezitokisini.
Phambilini Isolezwe libike ukuthi umbulali wangena esebenzisa imbobo esewindini, wavula umnyango.
Umufi kuthiwa wazama ukuxolisa kodwa wamdubula. Umufi wayengasiphethe isibhamu sakhe, umbulali kuthiwa wabe esesithola lapho sifihlwe khona wahamba naso.
Umthombo weSolezwe osondelene nodaba uthe kunezinsolo eziqinile zokuthi unkosikazi wathenga izinkabi ukuba zibulalele umyeni kungakapheli sikhathi umshado wabo waba semthethweni.
Yize umshado wabo ubusubhalisiwe kodwa ubesasebenzisa isibongo sakubo umsolwa.
Isolezwe lithole ukuthi ukubulawa kwaleli phoyisa kuthukuthelise umphakathi waseMelmoth.
Imizamo yokuthola ubuholi bomphakathi ayizange iphumelele.