UPHIKO olwenza umsebenzi wezibonelelo zikahulumeni kuleli, i-South African Social Security Agency (Sassa) luzobuyekeza izicelo zabantu bakuleli zikaR350 wabangasebenzi ezichithiwe.
Ngokwesikhulu esiphezulu sakulolu phiko, uTotsie Memela, sikhulu kakhulu isibalo sabantu abachithiwe okuyinto athi iqubule imibuzo, yingakho bekhethe ukuthi baphenye kabanzi ngalokhu.
Lesi sibonelelo samanyezelwa wuMengameli Cyril Ramaphosa njengengxenye yosizo kubantu bakuleli abakhahlanyezwe wukubheduka kweCovid-19.
Esitatimendeni uMemela uthe kubethusile ukuthi u-50% wezicelo ezingene ekuqaleni kukaJune uchithiwe.
"Bangaphezuku kuka-70% abantu abachithiwe abakulungele ukuthi bangakwazi ukuthola i-UIF, ngokwemininingwane etholwe wuSassa ngaphansi kwamagama abo. USassa ube usuthatha isinqumo sokuthi ucele yonke imininingwane yabo bonke abachithiwe ubacubungule kabusha esikhundleni sokuthi badlulise lezi zicelo,"usho kanje.
Uthe empeleni iningi labantu abafake izicelo zalesi sibonelelo, bakulungele ukuthi nabo bangathola esikhwameni somshwalense wabangasebenzi i-UIF.
Uqhube wathi bonke bazokwaziswa ngalokhu ngayedwana ukuthi bahlomule kulesi sikhwama.
Bonke okumele bathole imali ye-UIF bazothunyelelwa imiqhafazo becelwa nokuthi abalethe imininingwane yasemabhange ngokushesha.
Kuze kube manje sebengaphezu kuka 2.3 million abantu bakuleli asebekhokheliwe le mali.