ZIMPHIKILE izinto uNdlunkulu wokuqala weSilo esikhotheme uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, uSibongile Dlamini Zulu, ngosuku lokuqala kokuqulwa kwecala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
Izolo, iNkantolo eNkulu eMgungundlovu ihlabe yahlikiza amaphepha afakwe ngabameli bakaNdlunkulu, lapho efuna umshado wakhe noMdlokombane uthathwe njengokuphela umshado weNgonyama esanda kuguqa osemthethweni.
Zibekwa nje, inkantolo ichithe isicelo esenziwe ngabameli bakaNdlunkulu, sokuba iJaji Isaac Madondo, lishenxe ekulaleleni icala.
Ummeli kaNdlunkulu, u-Advocate Nigel Redman, ukhale ngokuthi uMadondo angase enzelele elicaleni.
Lokhu uthe kungenxa yokuthi uMadondo nguyena owashadisa uMdlokombane noNdlunkulu wesithupha, uZola Zelusiwe Mafu, ophikisana nesicelo sokuba uNdlunkulu wokuqala athole uhhafu wamafa kaMdlokombane.
UMadondo ubuye wahlaba amaphepha afakwe ngabameli bakaNdlunkulu wokuqala, akhale ngokuthi awaphelele.
UMadondo uthe emaphepheni afakwe enkantolo akukho okukhuluma ngokuthi kufanele kuchithwe eminye imishado yoNdlunkulu bakaMdlokombane.
Abameli bakaNdlunkulu babe sebecela ithuba lokuchibiyela la maphepha.
Lesi sicelo siphikisiwe ngabamele olunye uhlangothi, abathe kufanele livele lichithwe icala.
Inkantolo izosikhipha namhlanje isinqumo sayo ngesicelo.
Izolo inkantolo ayizange ingene engxenyeni yesibili yecala ethinta incwadi yefa eyashiywa uMdlokombane.
Abantwana abazalwa nguNdlunkulu wokuqala, uNtandoyenkosi Zulu noNtombizosuthu Zulu-Duma, baphonsela inselelo le ncwadi yefa eyaqoka iNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu njengebamba bukhosi.
Basola ukuthi kukokotelwe ukusayina kukaMdlokombane.
Abeseka iSilo uMisuzulu kaZwelithini, bakhombise ukuzethemba emva kosuku lokuqala lokuqulwa kwecala.
Okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana uThulani Zulu, ubehambela phezulu esho nokusho ukuthi labo abaphikisana nokuqokwa kweSilo sebengenwa ngamanzi emadolweni.
“Kunzima ukubhekana nenkosi. Kutatazela ibheshu endodeni uma ibhekene nenkosi. Ungagadla uthini enkosini?”
Bebephume ngobuningi babo abaNtwana baseNdlunkulu abeseka iSilo, okubalwa kubo namazinyane kaMdlokombane aqhamuka esigodlweni KwaKhangelamankengane.
Bebengabonwa nangalukhalo labo abaphikisa ukuqokwa kweSilo.
Ngaphandle kwenkantolo, amakhosi, izinduna, amabutho, nezintombi bebeviliyela.
Bazwakalise ukuseseka iSilo.
Unobhala wezinduna zamabutho oSuthu, uMnuz Muzi Nyandeni, uthe bazoseseka njalo iSilo.
Uthe abakhathali noma inkantolo ingathini, bona bazoqhubeka nokweseka iSilo.
Ohola izintombi uDkt Nomagugu Ngobese, naye uthe bazoseseka iSilo kubo bonke ubunzima esizobhekana nabo.
“Sizosifela iSilo sethu. Asiyohlehla ngoba ngokomlando wokuzalwa kwakhe, kwanele.”