UPHELELE enkundleni omunye wabalisa ababili okuthiwa bebehlasela iphoyisa ngesagila lihleli nentombi yalo emotweni eVerulam.
Kuthiwa laba balisa bahlasele iphoyisa ebelingekho emsebenzini, eCanelands, eVerulam, lisemotweni yalo ngoLwesibili.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo, iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram uthe bathole ucingo obeluvela emaphoyiseni ebacela ukuthi basize uzakwabo obehlaselwa.
Uthe abasebenzi bezimo eziphuthumayo bathunywe ukuthi bayobheka isimo, bathola iphoyisa ebelingekho emsebenzini.
“Libikele abasebenzi bezimo eziphuthumayo ukuthi belimi eceleni komgwaqo ngesikhathi kuqhamuka abalisa ababili abangaziwa beza emotweni yalo. Oyedwa walaba balisa ubephethe isagila omunye ephethe insimbi. Kuthiwa babulale iwindi lemoto base belishaya iphoyisa,” kusho uBalram.
Uthe iphoyisa likhiphe isibhamu salo sohlobo lwe-9mm ladubula kwalimala isigilamkhuba esinye sabaleka.
“Abasebenzi bezimo eziphuthumayo bamhlolile owesilisa obelimele, bathola ukuthi udubuleke esifubeni washonela khona lapho. Bathole ukuthi ofile ubebambe nommese owu-okapu esandleni sakwesokudla,” kuchaza uBalram.
Uthe kukholakala ukuthi bebezama ukuliphanga leli phoyisa. Uthe kulindeleke ukuthi umsolwa aphinde amataniswe namanye amacala okuphanga afanayo asenzeke kuleya ndawo.
UBalram uthe sekukaningana abasebenzi bezimo eziphuthumayo beRusa bebizelwa izigameko kuleya ndawo lapho abantu behlaselwa bantu abasuke bephethe izagila namapayipi ensimbi uma bepake eduze kwezimoba.
Isolezwe ngeSonto like labika ngesigameko sowesilisa owadunwa imoto esocansini esimobeni ngabalisa ababehlome ngezagila.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa avule idokodo necala lokuzama ukuduna imoto ngemuva kokuhlaselwa kwephoyisa.
Uthe umgilwa uthe ubehleli emotweni nomngani wakhe ngesikhathi kuqhamuka abalisa ababili bemhlasela.
“Abasolwa kuthiwa baphihlize amawindi emoto ngesagila base bevula isicabha bamshaya. Yena ube esedubula kwashona oyedwa omunye wabaleka” kusho uZwane.