ZAKHELE XABA
U LAMBELE ukugijima ku-Absa Premiership umgadli weqembu lesizwe lika-Under 20 uSiyanda Ngubo ( osesithombeni) ongomunye wabashaye into ecokeme Amajita enqoba umqhudelwano weCosafa Cup nyakenye eLesotho.
UNgubo, waseChesterville okhulele enkulisa ye-Orlando Pirates, udlalela iShining Stars yaseNorth West ebilwela ukunyukela kuNational First Division (NFD) emidlalweni yokuhlunga esongwe eKing Zwelithini Stadium ngeSonto.
Uxoshwe nabanye ozakwabo ngo-2012 ngesikhathi usihlalo wePirates u-Irvin Khoza eqoka ukusivala isikhungo ekhala ngabadlali abasebenzisa iminyaka okungesiyona eyabo. Ngaphandle kokudlalela isikhungo sePirates, uNgubo ubegijima kuJohannesburg High School emiqhudelwaneni yezikole. Ugile izimanga nyakenye phambi kwabazali bakhe, eshayela lesi sikole amagoli emqhudelwaneni iSasfa Matropolitan Under 16, eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Ujoyine iStars ngoFebhuwari.
“Sengikulungele ukudlala ku-Absa Premiership, engikudingayo yithuba kuphela,” kusho uNgubo.
“Ukudlalela iqembu lesizwe kungisize kakhulu ngathola isipiliyoni nengicabanga ukuthi sizongisiza uma ngithola iqembu. Nokho ngeke ngithande ukudlalela iqembu elikhulu ngoba awakukhuthalele ukudlalisa abadlali abasebancane.”
UNgubo bekufanele ayodlalela Amajita ochungechungeni lwemidlalo yokulungiselela omkhulukazi wokuhlungela umqhudelwano i-Africa Youth Championships neCameroon ngo-Agasti 16 eYaounde. Nokho iStars inqabile ukuthi lo mgadli ahambe naleli qembu eliphekwa ngumqeqeshi uShakes Mashaba ngoba imdinga ukuthi alenzele umsebenzi kuma Play-Offs. Amajita adlale ngokulingana ngo 1-1 neBurkina Faso emdlalweni wokuqala emasontweni adlule. Ashaywe yiMali ngo 1-0 ngoMgqibelo kanti azobhekana neSenegal kusasa ngaphambi kokubuyela kuleli ngo-Agasti 5.
“Benqabile abaphathi beStars ukuthi ngihambe neqembu lesizwe ngoba bayangidinga ukuthi ngisize iqembu emkhankasweni wokunyukela kuNFD. Inzima imidlalo sizimisele kakhulu,” kusho uNgubo.
“Ngizojoyina iqembu lesizwe uma selibuya emidlalweni yobungani. Akungikhathazi ukuthi angihambanga naMajita ngoba kubalulekile nokusiza iqembu lami.”