UNGOTI wezengqondo weluleke intsha ebifunda u-matric nelindele imiphumela yayo ukuthi ingayivumeli ingcindezi yokuphoxwa yimiphumela engayigculisi nokusalindeleke ukuthi ikhishwe wuMnyango wezeMfundo
UNksz Vanessa Barnes obekhuluma kwiMorning Live kuSABC izolo ekuseni, uthe kumele intsha izame ukungakuvumeli ukudikibaliswa yimiphumela engayigculisi kodwa ibonge ukuthi isindile kubhubhane iCovid19 ebimise kabi wonke umfundi nothisha ezikoleni ngenkathi ifika kuleli ngonyaka odlule.
"Isimo esibhekene naso sinzima kuwo wonke umuntu yingakho abazali kumele baqikelele ukuthi bayazinakekela izingane zabo ezilinde imiphumela yazo nebezifunda u-matric ngonyaka odlule. Lokhu kukhomba ukuthi yonke imindeni kumele inakekelane futhi iqaphele ukuthi kuhamba kahle kuwo wonke umuntu ekhaya,” kusho uNksz Barnes.
Uthe ukulahleka kwemisebenzi nokushonelwa yizihlobo ngenxa yegciwane ngenye yezinto ezenza ukuthi abantu bazizwe bengaphansi kwengcindezi nokhwantalala. Kula bantu abasenayo imisebenzi nabanenkinga yokwethuka kumele bazame ukungagxili kuyo ukuze babhekane nesimo esikhungethe izwe lonke," kusho ungoti.
Eqhuba uthe izimpawu zabantu abaphethwe wukhwantalala wukucasuka kalula, wukuqwasha ebusuku, wukuhlehla kubantu nokuhlala bezizwa benokwesaba ngaso sonke isikhathi. Uthe lolu hlobo lwabantu alunqeni nokwenza izinto ezingagcina zifake impilo yalo engcupheni.
“ Okunye okuwumthelela enkingeni yokhwantalala wukusabalala kwezindaba ezingezinhle nezithinta ukwenyuka kwezibalo zabahaqwa yiCovid19 kanjalo nababulawa yileli gciwane ezinkundleni zokuxhumana, emisakazweni nakwithelevishini. Abantu bakuleli baqale ukubhekana nengcindezi yokhwantalala ngesikhathi belahlekelwa yimisebenzi kugasela isivuvu sokuqala futhi bebona abantu abasondelene nabo beguliswa yileli gciwane. Okubuhlungu ukuthi abanye abantu bayahluleka wukuzibona uma sebephazamiseke ngokwengqondo ngenxa yokhwantalala,” kuchaza uNksz Barnes.
Ucebise abantu ukuthi bagxile ezintweni ezinomthelela omuhle abangazenza nezingabasiza ekutheni baphume emicabangweni ebaphathisa ngokhwantalala. Uthe okumqoka nokumele bakwazi wukuthi zikhona izinhlangano ezibhekela abantu abaphazamiseke njengabo ngokomoya nangokwengqondo.
Amathiphu ongagwema ngawo ukhwantalala :
Thola ongakwenza empilweni nokungakusiza ekutheni ugweme ingcindezi yokhwantalala
Zama ukuba nomuntu ongakwazi ukukhuluma naye uma ungazizwa kahle emoyeni
Gwema ukungena ezinkundleni zokuxhumana ngoba nazo zinawo umthelela wokwenza abantu bahlalele ovalweni ngenxa yezindaba ezingezinhle zokushona kwabantu ababulawa yiCovid-19 nokwenyuka kwezibalo zabahaqwe yiyo
Zama ukuthola usizo kongoti nasezinhlanganweni ezeluleka ngokwengqondo ukuze usheshe welapheke emoyeni
Inombolo yamahhala yeSouth African Depression and Anxiety Group abangayisebenzisa abantu uma bezizwa bephazamisekile emoyeni nasengqondweni ithi - 0800 12 13 14 . Eyesibili abangaphephela kuyo eyeLifeline SA ethi : 0861 322 322