EMVA komdonsiswano weminyaka engaphezu kuka-15, akucaci ukuthi lizogcina liqalile yini ukuqulwa kusasa icala lenkohlakalo elibhekene nowayengumengameli wezwe ne-ANC, uMnuz Jacob Zuma.
Leli cala elibhekwe ngabomvu, bekulindeleke ukuthi liqale ukuqulwa kusasa eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
Kepha inhlangano kaZuma, iJacob Zuma Foundation, idale ungabazane ngokuqala kokuqulwa kwecala.
Esitatimendeni, le nhlangano ithe icala lingase lihlehliselwe uMeyi 17.
Ngakolunye uhlangothi, inhlangano yezokushushisa, iNational Prosecuting Authority (NPA), ayifunanga ukuphumela obala ngokuthi icala lizohlehliswa yini noma cha.
IJacob Zuma Foundation inxuse ukuba avele ahoxiswe amacala abekwa uZuma, yathi kusobala ukuthi iNPA ayisoze ikulungele ukuqala kokuqulwa kwecala.
“Sikuqaphele ukuthi uMbuso uthe uzobe usukulungele ukuqala kokuqulwa kwecala ngoMeyi 17. Akusikhona okokuqala uMbuso wenza isithembiso esinje. Njengoba sinokukungabaza ukuthi uMbuso uyoke ukulungele ukuqala kokuqulwa kwecala, sinethemba lokuthi ezobulungiswa ngeke zivume ukuthi icala liphinde lihlehliswe.”
Le nhlangano ithe ukuhlehliswa njalo kwecala kunyathela amalungelo kaZuma kuphinde kumveze njengomuntu okhohlakele.
“Sizoqhubeka nokucela ezobulungiswa ukuthi ziwahoxise la macala kuze kube uMbuso usukulungele ukuqala ukuqulwa kwecala.”
Ebuzwa ngalokhu okhulumela iNPA, uNkk Natasha Kara, uthe icala kuhlelwe ukuthi liqhubeke ngoLwesibili, wanxusa intatheli ukuba izolalela ukuqulwa kwalo.
UZuma ubhekene namacala enkohlakalo amayelana namathenda ezigidi zamaRandi okuthengwa kwezikhali zombutho wokuvikela.
Usolwa ngokugwazelwa ngesikhathi kuthengwa izikhali ngo-1998.
Ngokwezinsolo, kuthiwa uZuma wayefumbathiswa intshontsho likaR500 000 minyaka yonke, yiloyo owayengumeluleki wakhe wezimali, uMnuz Schabir Shaik, owagwetshelwa icala lenkohlakalo ngo-2005.
Intshontsho kuthiwa laliqhamuka enkampanini yezikhali yaseFrance, iThales, eyahlomula ngamathenda okuhlinzeka ngezikhali ezathengwa ngaleso sikhathi.
UZuma uyawaphika wonke amacala abekwa wona, njengoba ethi wakhelwa uzungu yizimbangi zakhe kwezepolitiki.
Sekuneminyaka eminingi kudonsiswana ngala macala, nokwaholela ekutheni amacala agcine ehoxisiwe ngo-2009 kepha wabuye wathweswa amacala ngo-2018, kulandela umdonsiswano wezomthetho.