MCEBO MPUNGOSE
ICIKO elibalwa nahlonishwayo kuhip hop kuleli, u-Ifani, uthi kudingeke ukuthi ahlabe ikhefu emculweni emva kokutinyelwa amanye amaciko nabalandeli enkundleni yokuxhumana u-twitter.
Nyakenye lo mrepha wasusa umsindo i-albhamu yakhe idayisa amakhophi angi-20 000 osukwini lokuqala iphumile. Wamemezela lokhu ku-twitter nokuyilapho abantu bemsola ngendlela adayisa ngayo le albhamu, abanye bethi empeleni inkampani yotshwala iRedd’s eyathenga amakhophi angu-20 000 ayo.
“Kuningi okwashiwo abantu ku-twitter endimeni yehip hop emva kokuphuma kwe-albhamu yami. Lokho kwangenza ukuthi ngithathe isinqumo sokuthi ngiziqhelelanise nomculo kancane ngizibheke mina ngezinto ezashiwo abantu ngokunjalo nobudlelwano bami nabantu basekhaya nokunye okuningi,” kuchaza u-Ifani.
Uthi kusukela kuleso sikhathi akaze anandise emcimbini omkhulu futhi akaze aqophe amaculo amasha.
“Ngigcine ngikhiphe iculo elilodwa ku-albhamu yami, elithi Ayadelela. Nonyaka ngiziqala phansi ngisabalalise amanye ngoba ngifuna i-albhamu yami ifinyelele ekudayiseni i-platinum,” kuqhuba yena.
Ngaphandle komsindo owasuka nge-albhamu yakhe, u-Ifani uke waba nezinkinga nesitebele abeqopha kusonao iSony Music Group. Utshele Isolezwe ukuthi inkontileka yakhe nalesi sitebele isiphelile, ngoJulayi uzokwethula isitebele sakhe somculo.
“Ngijabule kakhulu ukuthi sengizokwazi ukuba nesitebele esiphethwe yimina ngenze umsebenzi wami kahle ngokukhululeka ngoba ngizobe sengizithathela mina zonke izinqumo,” usho kanje.
U-Ifani kamuva nje ube ngomunye wabaculi abasethubeni lokuwina indodo kumaSouth African Music Awards njengoba eqokwe eminxeni weBest Music Video of the Year nge-video ye- Ayadelela.
Ngo-2014 lo mrepha wanqoba indondo yeBest Rap Album kanti uthe nakulokhu ufuna ukuyithola eyeBest Music Video kulo mcimbi ozobe use-ICC , eThekwini ngoJuni 4.