UKHUNYULWE izevatho wayalelwa ukuthi angaphinde awubeke umcondo wakhe esontweni uFata osolwa ngoxhaxha lwenkohlakalo ebandleni iSt Michaels Mission, eNdonyane, eHighflats.
UFata Vusi Sokhela uhlaselwe ngamalungu omphakathi nawebandla eselungela ukuqala inkonzo yeMisa, okugcine ngokuthi kume nse ukukhonza kuleli bandla, nakwamanye amagatsha awu-4 akhonzisa kuwona.
Usolwa ngokukhokhisa amalungu ebandla uR300 uma efuna ukubusiselwa izimoto, uphoqa ibandla ukuthi likhokhe uR1 000 wokuthi athengelwe imoto yize esithola isondlo sebandla, ushintshe intengo yemigodi yokungcwaba ebibiza uR4 emishini, isibiza uR500.
Imithombo ecele ukungadalulwa, itshele ithimba laleli phephandaba ebelihambele kule ndawo ukuthi isimo simazonzo njengoba sesenabele nasemagatsheni amane aleli bandla, okuyiKenterton, Mkhunya, Khwezi naseHluthankungu.
“Lo Fata unezinyanga eziyisithupha kuphela efikile kule ndawo kodwa uselidunge waliqeda ibandla,” kusho omunye wabazalwane.
“Uma ilungu lebandla lithenge imoto, uyaliphoqa ukuthi likhiphe uR300 okuyimali ayichaza ngokuthi eyokubusisa imoto,” kuzikhalela omunye umzalwane.
YILONA leli isonto iSt Michael’s Mission, eseNdonyane, eHighflats, uFata Vusi Sokhela, atshelwe amakholwa ukuthi angawubeki umcondo wakhe kulona. Abazalwane nomphakathi bathe sebemtshelile ukuthi akakhohlwe ukuthi uyophinde alenze iMisa kule ndawo njengoba bemxwayise ngesonto eledlule bemkhumulisa izevatho zokulenza Isithombe: BONGANI MBATHA/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA
Ngokwabazalwane, ngokujwayelekile uma ilungu lebandla lithenge imoto, umfundisi uyibusisa ngokuyithela ngamanzi angcwele, ayikho imali ekhokhwayo.
“Uma uzwakalisa ukungeneliseki ngemithetho afike nayo, ukutshela ukuthi phuma uphele kule mishini,” kusho elinye lamalungu ebandla.
Ukwenzelwa iMisa ngokusho kwalaba bazalwane, bekubiza uR2, kodwa uFata ufike wayikhuphula imali yaba uR6.
“Kunomnikelo weNhliziyo kaJesu onguR400. Yena ufike wathi akayifuni imali yomnikelo engaphansi kukaR1 000,” kuchaza ilungu lebandla.
Kubikwa ukuthi lo Fata wehlukanisa indlela okuphekwa ngayo ekhishini, wathi ufuna ikhishi lakhe yedwa okungangeni muntu kulona.
Nonogada obegada kuleli bandla kuthiwa uxoshiwe, uFata wathi akadinge kugadwa yena.
Amalungu ebandla nomphakathi baphakamise ukuthi kungcono ashintshwe ngoba ukuphepha kwakhe akusaqinisekisiwe ngendlela ahlukumeza ngayo.
UMbhishobhi Pius Mlungisi Dlungwane owengamele isifunda bhishobhi saseMariannhill, uthe lolu daba selufikile ezindlebeni zakhe.
“Ngijube uFata Alexius Madela ukuthi aluphenye lolu daba. Konke uzokuthola kuyena,” kusho uDlungwane.
UFata Madela uthe uxhumanile noSokhela kodwa akukho okubambekayo amtshele kona ngaphandle kokuthi athi abazalwane bathe abamfuni endaweni.
“Udaba sisazoluxoxa neParish Council ukuze kuvunyelwane ngesinyathelo esizothathwa,” kuchaza uMadela.
Ngesikhathi leli phephandaba likule mishini, uSokhela akatholakalanga kwathiwa usahambile. Uma kuxhunyanwa naye ngocingo, ubengalubambi. Nemiqhafazo athunyelelwe yona akayiphendulanga.
Namhlanje kulindeleke ukuthi wonke amagatsha aleli bandla ngaphansi kweMishini iSt Michael's, abuthane kuleli bandla lapho okuhlelwe khona imashi yokumchitha nokumvimbela ukuthi anyathele kulamagceke.