OWAYEYISIKHULU sePassenger Rail Agency of South Africa (Prasa), uMnuz Lucky Montana, uthe i-ANC ibisebenzisa izinkampani ezingaphansi kukahulumeni uma iqoqa izimali.
Uthe le nhlangano ibiya ezikhulwini zalezi zinkampani ifuna zithenge amatafula uma inezidlo zasebusuku zokuqoqa imali
Uthe uma kungase kukhulunywe nezinye izikhulu ezaziphethe lezi zinkampani, zingaveza obala ingcindezi ezaziphansi kwayo ngokuthi ziqoqele le nhlangano imali.
Ukusho lokhu efakaza kwiKhomishini yeJaji Raymond Zondo ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana.
Usole owayeyinhloko kwezomthetho, uNksz Martha Ngoye, ngokwenza kube nzima ukusebenzisana naye.
Ukhulume ngokuxoshwa kukaNksz Ngoye ngoMeyi 21 2015, watshela ikhomishini ukuthi wayengalawuleki futhi kunzima ukusebenzisana naye.
Uthe kukaningi lapho ayesikaza ukumxosha.
UMontana uthe kwakubukeka sengathi uNksz Ngoye wayengazimisele nhlobo ukusebenza naye.
UMontana uzivikele ngokuthi yena akayona inhlobo yomuntu engavele ixoshe umuntu ingazange izame ukubonisana naye, ukuze kube nekhambi kulokho abasuke benenkinga ngakho.
Ohola ubufakazi, u-Advocate Vas Soni, uthe uNksz Ngoye wachaza ngenkulumo ocingweni aba nayo noMontana, eyayingathokozisi.
UNksz Ngoye nenye imenenja kwezomthetho, uMnuz Fani Dingiswayo, bafakaza ukuthi bazama ukunqanda uMontana ngokungaphathi ngendlela nokusayinwa kwezinkontileka ezazinenkohlakalo. Bathi lokhu kwaholela ekutheni abaxoshe ngo-2015.
UMontana uthe uNksz Ngoye wayefuna ukubonakala engumuntu olwa nenkohlakalo, kodwa wayevumela izinkampani ezinkulu ukuba zixhaphaze iPrasa.
UMontana wathi uNksz Ngoye nguyena impela okumele achaze ngezinkontileka ezingafanele ezinenkohlakalo ngoba wayeyingxenye yekomiti elibhekele lowo msebenzi.
Enkontilekeni yeSwifambo, iPrasa yakhokha uR2.6 billion esambeni sikaR3.5 billion senkontileka, ekubeni umsebenzi wawungawuqedwanga.
Ikhomishini iyaqhubeka.