UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal uchitha imibiko ngezidumbu ezingu- 300, okuthiwa ziduve emakhazeni ePhoenix.
Lokhu kungemva kokuthi Inhlangano yabangcwabi iNational Funeral Practioners Association of South Africa (Nafupa), ithi kunezidumbu ezingakalandwa ezingaphezu kuka-300 ezifakwe emakhazeni kahulumeni, yathi iningi lazo lifakwe ngesonto eledlule ngesikhathi sezibhelu.
Ekhuluma neSolezwe, uMengameli weNafupa SA uMnuz Muzi Hlengwa, uthe isibalo sezidumbu esingeniswe kulawa makhaza sande kakhulu kusuka ngesonto eledlule.
UNgqongqoshe womnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane Zulu obehambela kula amakhaza izolo, uthe zingu- 128 kuphela izidumbu ezisemakhazeni.
"Akulula ukuthi sithi zonke izidumbu ngezabantu abashone ezinxushunxushwini ebezikhona ngesonto eledlule kwazise amakhaza asePhoenix, amukela izidumbu zabantu abashone ezindaweni ezihlukene eThekwini," kuchaza uNkk Simelane Zulu
Unxuse imindeni enezinhlobo ezingakatholakali ukuthi iyobheka kulawa makhaza. Uveze ukuthi ngeke kudingeke ukuthi imindeni iye esiteshini samaphoyisa kodwa izoqonda emakhazeni ngoba amaphoyisa asebenzela khona. Ungqongqoshe uqhube wathi labo abazizwa bengaphephile bangaxhumana nesikhulu esiphezulu emaphoyiseni uGeneral. Chirwa ku-079 500 0288, ozobe esebalungiselela ukuthi baphelezelwe ngamaphoyisa.
Khonamanjalo amaphoyisa aseMlaza, acela ukufuniswa uMnuz Mfundo Msomi(26) waseWaterspruit, okuthiwa ugcine ukubonakala enxanxatheleni yezitolo kwaW, eMlaza ngoLwesibili olwedlule.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe uMsomi wagcina ukubonakala egqoke i- tracksuit emnyamana amateku aphuzi.
Kuthiwa onolwazi ngokuthi ukuphi angathinta uConstable Cele ku-031 3256256.