KUGQUGQUZELWE ukuthi kuliwe nokucwaswa kwabaphila negciwane lengculazi ngesikhathi kunemashi eqinisekisa ukuthi amalungelo abantu ayahloniswa, izolo.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Zweli Mkhize, uthe kufanele wonke umuntu azibophezele ekulweni nokucwaswa kwabanegciwane lengculazi nokuyinto athe yaholela ekutheni elakuleli lilahlekelwe abantu ababenesibindi njengoNksz Gugu Dlamini owakhandwa ngamatshe wagwazwa washona emuva kokudalula ukuthi unegciwane lengculazi.
UMkhize uthe ngaphandle kokucwaswa kwabaphila negciwane enye inkinga ekhona ngeyalabo abangakholwa ukuthi bangaba negciwane.
“Inkinga enkulu esibhekene nayo ngeyalabo abazitshela ukuthi abasoze balithola igciwane lengculazi,” kusho uMkhize.
Ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa uhlelo lokuqinisekisa ukuthi amalungelo abantu bakuleli ayahlonishwa, iSouth Africa’s Human Rights Plan eyethulwe yiSouth African National Aids Council (SANAC).
Ngaphambi kokwethulwa kwalolu hlelo kube nemashi yokugqugquzela abantu ukuthi bangacwasi abanaleli gciwane nokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabantu ngokobulili neqhaza elibanjwa yilokhu ekusabalaleni kwegciwane. Imashi isuke epaki eKing Dinuzulu yaya epaki iGugu Dlamini.
Umfundisi Zwo Nevhutalu weSANAC, uthe bafisa ukubona abantu besilisa bezohlolela igciwane lengculazi. Uthe okubakhathazayo ukuthi abesilisa balinda ophathina babo kube yibo abahlolayo bese bezitshela ukuthi abanalo leli gciwane uma ophathina babo bengenalo.
Iphini likaMengameli, uMnuz David Mabuza, aliphumelelanga ukuba yingxenye yale mashi njengoba bekulindelekile. Okuvelile ukuthi ubesemhlanganweni we-Inter Ministerial Committee angusihlalo kulo nabebethulelwa umbiko ngodaba oluthinta umhlaba obuse-Union Building, ePitoli, kulo mhlangano ubehambisana noMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa.
Ingqungquthela edinginga ngegciwane lengculazi iqale izolo izophothulwa ngoLwesihlanu e-ICC.