KUBOSHWE abasolwa ababili abatholwe nezidakamizwa ngesikhathi amaphoyisa enomkhankaso ngaphansi kwe-Operation Fiela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa ngoLwesibili abophe abasolwa ababili abaneminyaka engu-25 no-34 egaraji eliseduze komgwaqo uN2 kulandela ukuthi amaphoyisa ethole ulwazi lokuthi kukhona abahambisa izidakamizwa ndawana thizeni.
Abasolwa kuthiwa batholwe namaphilisi angu-500 e-heroin angabiza uR10 000 nesibhamu. Abasolwa baboshiwe bayiswa esiteshini samaphoyisa eNewlands East lapho befike babekwa khona amacala okutholakala nezidakamizwa. Bavele enkantolo yaseVerulam ngawo uLwesibili.
Amaphoyisa aphinde adlulela eWelbedacht lapho ebophe khona umsolwa oneminyaka engu-28 otholwe namaphilisi angu-10 e-heroin. Umsolwa kuthiwa ushaye amaphoyisa abesondela kuye ngenhloso yokumsesha.
UColonel Mbele uthe ngesikhathi eboshwa umsolwa uzame ukugwazela amaphoyisa efuna amkhulule. Uthathwe wayiswa esiteshini samaphoyisa eChatsworth wabekwa icala lokutholwa nezidakamizwa, ukushaya nokugwazela. Uvele enkantolo ngoLwesibwili.