UMISIWE esikoleni uthisha weseManqondo Primary, eNkandla, osolwa ngokunukubeza ngokocansi abafundi besifazane bese ebavala imilomo ngoR2 noma ngoncamnce.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, ukuqinisekisile ukuthi lo thisha umisiwe ngenxa yokuganga ngezingane. “Ngingakuqinisekisa ukuthi ugcine emisiwe kulandela ukuvela kwezinsolo zokunukubeza abafundi. Umnyango usaphenya. Uzothatha izinyathelo ezifanele uma usuluphothulile.”
Emasontweni adlule Isolezwe ngoMgqibelo lishicilele udaba ngalo thisha okuthiwa ufaka isandla sakhe ngaphansi kwemifaniswano yezingane zamantombazane bese ethinta isitho sangasese. Kwathiwa kwesinye isikhathi uzibamba izandla azithintise isitho sakhe sangasese esisuke sesiqumbile ebhulukweni.
Abazali balezi zingane bathi izingane zibatshele ukuthi uma esegile le mikhuba, ube esezipha oR2 njengemvalamlomo. Kuthiwa ngisho nezifunda oGrade 1 ubezigila le mikhuba.
“Enye wake wabhadanywa nayo eyiganga ngasezindlini zangasese,” kusho omunye umthombo osesikoleni.
Usihlalo wesigungu esiphethe isikole, uMnuz Mehlonke Bhengu, wathi ubizelwe emhlanganweni ukuze kudingidwe lolu daba olugcine selubikelwe nomhloli.