UGCINE ezidelile obengumdidiyeli wamabutho kaZulu, uMnuz Mlandeni "Mgilija" Nhleko, wayoshweleza kwiSilo.
UNhleko ushweleze kwiSilo ngoLwesine, esigodlweni kwaKhangelamankengane. Ukuxolisa kwakhe kulandela umsindo oqubuke emva kokuba ehole amabutho abeye kokweseka owayengumengameli wakuleli, uJacob Zuma emasontweni amathathu edlule.
Ngaleso sikhathi uZuma wayemele ukulandwa ngamaphoyisa noma azethule yena esiteshini samaphoyisa. Kepha abalandeli bakhe bafunga bagomela ukuthi ngeke bavume ukuba aboshwe njengoba agetshwa izinyanga eziwu-15 ebhadla ejele ngecala lokwedelela umyalelo wenkantolo yoMthethosisekelo.
Ukuhambela kukaNhleko namabutho emzini kaZuma, kwanenga abaningi endlunkulu. Indlunkulu kanye neSilo bagcina bekhipha isitatimende lapho baziqhelenanisa nesenzo sikaNhleko.
Emva kwaleso senzo uNhleko wadilizwa esikhundleni, kulandela isinqumo esathathwa wumkhandlu wasoSuthu kanye nabantwana. Umkhandlu wasoSuthu wasola uNhleko ngokuba undlebekazizwa, wathi bekungesikhona okokuqala ekhombisa ukuzilawula.
Ngaleso sikhathi uNhleko wathi akanandaba nesikhundla ngoba asimholeli. Kepha kubukeka sengathi usebuye washintsha umqondo manje njengoba esanda kufonqa isigqoko, wayoshweleza kwiSilo.
Ngokuthola kweSolezwe kulo mhlangano bekukhona nondunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi. Umthombo weSolezwe uthe kuqunywe ukuba udaba lubuyele emva, luyobhungwa wumkhandlu wasoSuthu.
"Utsheliwe ukuthi iSilo sasingekho kukhulunywa udaba lwakhe njengoba lwakhulunywa emhlanganweni womkhandlu wasoSuthu. Kube sekunqunywa ukuthi uMgilija akahambe ayoshweleza kuwona umkhandlu, nokuyiwo obudingida udaba lwakhe.
“Ukhombise ukuzisola kakhulu ngezinto azisho, wathi uyalibona iphutha lakhe. Uthe akafuni ukona ubudlelwane bakhe obuhle nendlunkulu. Konke sekulele ekutheni umkhandlu wasoSuthu uzokwamukela kanjani ukuzikhalela kwakhe.”
Usihlalo womkhandlu wasoSuthu, uDkt Dumisani Khumalo, ukuqinisekisile ukuthi lolu daba luzoxoxwa ngoLwesithathu. UNhleko unqabile ukuphawula ngodaba.