USENKINGENI umfelokazi wasesigodini saKwaNgubo esizweni sabaThembu eMsinga ngaphansi kwenkosi uSiphamandla Mthembu ohlawuliswe inkomo ngecala lokukhumula inzilo ehlobo.
UNkk Thandiwe Ndlovu-Makhunga (46) namhlanje ubuyele enkantolo yesizwe ngemuva kokulahlwa yicala ngoJulayi 31, nonyaka, lapho anikwa khona umnqamulajuqu wezinsuku ezingu-14, ukuthi zingapheli angayikhiphile inhlawulo kodwa kuze kube yimanje akakahlawuli.
Lo wesifazane uzile izinyanga eziyisithupha kusukela ngoSepthemba nyakenye kushone umyeni wakhe kwaze kwaba nguFebhuwari.
Isigungu senkantolo yesizwe kuhlelwe ukuthi namhlanje siphinde sihlangane lapho kulindeleke ukuthi sibhunge ngodaba lukaNkk Ndlovu-Makhunga.
UNkk Ndlovu-Makhunga unqabile ukuphawula ngalolu daba izolo.
Abantu abasondelene naye abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukuthi bangadalulwa ngoba besaba ukuthi bazojeziswa bathi abaneme ngesinqumo senkantolo yesizwe ngoba indaba yenzilo yinto ethinta umndeni.
“Asazi ukuthi isizwe nenkosi bangenaphi endabeni yokuthi abantu bazila kanjani ngoba leyo yinto yomndeni,” kusho leli ilungu lomphakathi.
Lithe kuyaqala ukuthi kuphume isinqumo esifana nalesi enkantolo yesizwe.
“Njengoba isizwe sabaThembu sisikhulu kangaka, manje inkosi isizohamba ibheka ukuthi abantu emindenini yabo bazila kanjani?” kubuza eli lungu lomphakathi.
Lithe uNkk Ndlovu-Makhunga wabatshela ukuthi umyeni wakhe esaphila wathi kumele angamzileli isikhathi eside.
Ithintwa izolo, inkosi Mthembu ithe iyalwazi udaba lukaNkk Ndlovu-Makhunga, yathi ibona abamlahla ngecala.
“Lowo wesifazane simhlawulise inkomo ngoba wenze into engenziwa esizweni sabaThembu, ayilokothwa inzilo ehlobo ebaThenjini ikhunyulwa ebusika kuphela,” kusho uMthembu.
Uthe njengoba sekuze kwafika izinsuku ezingu-14 ezazibekiwe, ingakhishiwe inhlawulo, bazophoqoleka ukuthi bathathe ezinye izinyathelo.
Isazi samasiko, uSolwazi uJabulani Maphalala, sithe udaba lwenzilo udaba oluthinda umndeni.
“Ngokwesiko lakwaZulu kwakuthiwa umfelokazi usuke ezile kahle uma ezile kwaze kwaphela unyaka kodwa asikho isikhathi esibekelwe ukuzila. Kuya ngokuthi inkomo yokumkhumula inzilo ikhona yini,” kusho uMaphalala.
Uthe kudala amakhosikazi ayezila ngokuthi akhumule isicholo, asale ngezinwele.
“Izingubo ezimnyama lezi ezigqokwayo into yamanje. Kudala amakhosikazi ayekhumula isicholo,” kusho uMaphalala.
Uthe uyadideka ukuthi le nto eyenzeka ebaThenjini yenzeka kanjani ngoba abaThembu basebenzisa isiko lakwaZulu.
“La baThembu okhuluma ngabo abaNgoza lona owabalekela iLembe uShaka babuya sebenikwa le ndawo abahleli kuyona manje kwathiwa abagadwe uSojiyisa wakwaZulu,” kusho uMaphalala.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Lennox Mabaso, uthe lolu daba bayaqala ukuzwa ngalo, wathembisa ukuthi bazoluphenya. “Sesijube ihhovisi lethu eMzinyathi ukuba lizilandele lezi zinsolo ukuze sithole umbiko ogcwele,” kusho uMabaso.