UMENGAMELI we-ABC obuye abe yiMeya yaseMvoti, uMnuz Philani “PG” Mavundla, uthe lizoduma liyithathe i-ANC komasipala ababambisene nayo kubona.
UMavundla uthe ezinsukwini ezintathu ezizayo kuzozwakala okunye ngezinguquko ezizoba khona komasipala.
UMavundla usho lokhu ekhuluma nabezindaba eThekwini izolo lapho abecacisa khona ngezinhlelo zabo kubhekwe okhethweni.
Uthe uMasipala uMsunduzi eMgungundlovu, uMuziwabantu eHarding noMdoni eScottburg yibona abazothinteka.
Imikipito yamaqembu komasipala yande kakhulu emuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021 emuva kokuthi imiphumela ingavumanga kahle.
UMavundla wayeyiPhini leMeya yeTheku emuva kokuthi ehlenge i-ANC ihamba nomfula, umasipala uyiphunyuka. Akaliqedanga ihlandla lakhe baxabana ne-ANC yamkhipha ngoshova esikhundleni.
Kumanje i-ANC ibusa uMasipala weTheku ngokubambisana neNFP namanye amaqembu.
UMavundla uthe nakuba eThekwini bengasakipitile ne-ANC kodwa banawo amandla okuyiketula emandleni uma beshaya izibalo zabo.
Uthe abasazimisele ukusebenza noKhongolose yingakho bezowuketula ekuphatheni omasipala.
“KuMasipala uMsunduzi babedinga isihlalo esisodwa ukuze babuse umkhandlu, sabanika ezintathu. EThekwini uma ubheka i-ANC inezihlalo ezingu-95, uma ngingalibali ikhansela elashona bese kuba amaqembu ayisikhombisa anesihlalo esisodwa lilinye,’’ kusho uMavundla.
Umemezele nokuthi bazoba nomcimbi wokwethula izethembiso zokhetho ngoMgqibelo ka-Ephreli 13 e-The Station, eThekwini.
Uthe lapho bazohluba udlubu ekhasini ngokuthi yini abazoyenzela abantu bakuleli.
Amaqembu wonke alungiselela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29 nonyaka lapho okulindeleke ukuthi zidlane imilala khona.
UMavundla uthe uyazi ukuthi amaqembu amaningi asekhulumile kodwa nabo bazoqhamuka nokwehlukile.
Uthe emuva kokhetho bazobe bezimisele ngokuxoxa nanoma yiliphi iqembu elihambisana nemigomo yabo babumbe nalo uhulumeni.
UMavundla uthe iqembu labo likhombise ukukhula selokhu lasungulwa ngoba lijoyinwe abantu abanohlonzo abafana noDkt Makhosi Khoza.
Uthe bazimisele ngokugadla kuzwakale okhethweni ukuze bakwazi ukuba neqhaza elicacile uma sekubunjwa uhulumeni.