UVELE wakuphendula ingoma ukulimala kwakhe uMampintsha ngesikhathi enandisa emcimbini iZakwe Home Coming Festival, KwaMashu Fan Park, ngoMgqibelo ebusuku lapho efike khona ehamba ngezinduku.
UMampintsha ubefake iteki elilodwa olunye unyawo lubhandishiwe, ehamba exhugela.
Ungene esiteji kunjalo okuthe uma sekuqala kusha ingoma walokhu ecula ethi “songena ngama-crutches” okusho ukuthi uzongena ngezinduku ezisetshenziswa abalimele.
Leli phephandaba lithole ukuthi unyele ngempelasonto eyedlule ephuma emcimbini iGagasi FM Beach Fest.
“Lubuhlungu lolu nyawo kodwa ngoba ngiyanithanda, ngilapha,” kusho uMampintsha.
Ubecula ehleli phansi ethi akudanseki. Ushaye izingoma zakhe, okubalwa kuzo Impokompoko, Siyabathandazela entsha ethi Savanna napikwe kuyo uBabes Wodumo ethi Umphabazo.
Ngaphandle kwakhe abanye abebekhona kubalwa kubo uCharacter, Paras, MC Slot, L’vovo, Naima Kay, Da Babes, Dream Team, Madanon, Qatha, Malini ekhale ngokulindiswa ukuthi ingene esiteji nabanye abaningi. Umcimbi, obuhlelwe wumrepha wakuleli lokishi uZakwe, bekungokokuqala ukhona. Kuhlelwe ukuthi ube minyaka yonke. Uqale ngo-6 ntambama. Abantu bebevumeleke ukuthi bafike nama-cooler box abo angenawo amabhodlela. Yize abantu bebekhona kodwa bekungagcwele enkundleni.