UMHOLI we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnuz Julius Malema usefunge wagomela ukuthi abalandeli baleli qembu bazoqhubeka nokudla umhlaba ongasebenzi njengendlela yokuqinisa ingcindezi kuhulumeni ukuthi abuyisele umhlaba kubantu boHlanga kuleli.
UMalema uxwayise uhulumeni ngokuthi intsha yakuleli izizwa inganakiwe selokhu kwaphuma uhulumeni wobandlululo, kwabekwa owentando yeningi ngo-1994.
Udaba lomhlaba cishe ngoluhamba phambili ngaphambi kokhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo.
“Njengamanje kunesizukulwane esisha esiphelelwa ukubekezela,” kusho uMalema ekhuluma ne-AFP.
Babalelwa ku-28% abantu abangasebenzi kuleli kanti kwezinye izindawo intsha engasebenzi ibalelwa ngaphezulu kuka-50%.
“I-EFF isungulwe ngesikhathi esihle ngoba siyakwazi ukusebenzisa intshisekelo yalesi sizukulwane ukuthi siqinise umzabalazo womnotho. I-EFF yazisa abantu ukuthi indlela yokuthola umhlaba, wukudla umhlaba ongasetshenziswa ukuze sizofakela uhulumeni ingcindezi, futhi sesibonile ukuthi kuyasebenza lokho. Manje uhulumeni nabaphethe umhlaba sebethi ‘mhlawumbe kumele senze okuthile’.
UMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa wamemezela ukuthi uhulumeni uzobheka izindlela zokuguqula umthethosisekelo ukuze kudliwe umhlaba ngaphandle kokunxephezela. Lezi zindaba zathakaselwa abaningi, kodwa abanye bazwakalisa ungabazane ngokuthi lokhu kuzokwenzeka ngempela yini. URamaphosa kudingeke ukuthi aqinisekise abatshali zimali kuleli ukuthi lokhu kuzokwenziwa ngendlela esemthethweni futhi ngeke kuthikameze umnotho wakuleli. Kamuva nje, uqinisekise uNdunankulu wase-United Kingdom, uNkk Theresa May, owazwakalisa ukuleseka uhlelo lokubuyiselwa komhlaba kubantu boHlanga kuleli. UMalema nokho uthe akamethembi uRamaphosa.
“UCyril usho lokhu namhlanje, kusasa asho okunye, kuya ngokuthi ukhuluma kuphi. Thina asiguquki kwesikushoyo, baguquka njalo bona. I-EFF ilona qembu elisematheni eNingizimu Afrika namhlanje,” kuqhuba uMalema.
UMalema uthe ePolokwane, lapho akhulela khona, sekudliwe inqwaba yomhlaba njengoba kunemindeni ebalelwa ngaphezulu kuka 3000 ehlezi kumhlaba umnikazi wawo ongowaseCanada.
“Wabuya esefuna sixoxisane,” kuqhuba uMalema. Uthe ukudliwa komhlaba kuleli ngeke kuhambisane nodlame njengoba kwenzeka eZimbabwe.
“Ngeke kube khona udlame ngoba ngicabanga ukuthi abanikazi bamapulazi abamhlophe bazimisele ngokubuyisela umhlaba kubantu abamnyama njengoba izingxoxo phakathi kwabo zisaqhubeka ngokuthi kuzomiswa kanjani ngodaba lomhlaba.”
UMalema uthe umhlaba ungaphathwa abamhlophe nabamnyama uzoqala ube ngaphansi kukahulumeni bese uyacazwa phakathi kwabamhlophe nabamnyama.
Uqhube waveza nokuthi akukho lula ukuthi abamhlophe bafudukele emazweni ase-Europe njengoba kunabanye asebezwakalise ukuthi bazothutha bahambe.
“Ngo-1994 abantu babezitshela ukuthi abamhlophe bazoyifulathela iiNingizimu Afrika. Naba basakhona, bazoyaphi? Abamhlophe bakuleli abanemali bayahlupheka e-Europe. Bajwayele ukunakekelwa, abakwazi ukuzinakekela,” usho kanje.