UMHOLI we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnuz Julius Malema uthi akasiboni isidingo sokuthi akhalelwe ngamasongo kaSigonyela owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma uma elahlwa ngamacala abhekene nawo.
UMalema uveze lokhu engxoxweni ekhethekile yePress Club namhlanje ekuseni elandela inkulumo ebhekiswe esizweni ebiyethulwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ngoLwesine.
Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni kwale nyanga inkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ikhiphe incwadi egunyaza ukubosha kukaZuma kulandela ukungaveli kwakhe enkantolo.
UZuma bekumele avele eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngecala lenkohlakalo elithinta izinsolo zokugwazelwa kwakhe yinkampani yaseFrance yezikhali, iThales, kodwa wangakwazi ngoba kubikwa ukuthi uyagula.
I-EFF ibalwa namaqembu ayehola phambili umkhankaso wokuthi kukhishwe uZuma kwesobuMengameli kuleli, imsola ngenkohlakalo nangokunikeza umndeni wakwaGupta amandla kuhulumeni. UMalema nokho ngoLwesihlanu uthe uMsholozi, oneminyaka ewu-77, kumele aquliswe amacala abhekene nawo enkantolo kodwa angabe esaboshwa ejele.
“Ngathi uma kunamacala avulelwe uZuma kumele aye enkantolo. Kodwa asikwazi ukumfaka ejele, ngabe siwumphakathi onjani obopha abantu abadala? Kumele aphendule enkantolo, nayo inkantolo kumele icabange ngeminyaka yakhe. Ijele yindawo yokuhlunyeleliswa kwezimilo. Ukufaka uZuma ejele kungaba ukumosha imali ngoba yini esengalungiswa kulo muntu omdala? Inkantolo kuzomele ithole enye indlela,” kusho uMalema.
Ebuzwa ngezinsolo zokuthi i-EFF yadla izimali zebhange i-VBS Mutual Bank uMalema uthe akekho noyedwa owe-EFF ophule umthetho kulolu daba.
“Abaphenyi bathole abantu okungeyibo - asikho lapho. Manje ngoba asihambisani noPravin sebethi ‘laba bantu beVBS ababoshwe…’ ababophe. Badedeleni babophe...bazobopha abantu babo, akekho noyedwa we-EFF ozoboshwa. Umfowabo kaFloyd Shivamvu waboleka imali eVBS, wayikhokha, kuphelile. Ibhange lamboleka imali, wayikhokha. Yini enye abayifunayo? Abantu sebeyaboshwa ngokuboleka imali?” kubuza uMalema.