Umculi wakuleli ohlaselwe yisifo sohlangothi ngenyanga edlule, usephumele obala okokuqala wacacisa waphinde wachaza ngokugula kwakhe okwethuse abaningi ngenyanga edlule.
ULira izolo ubhale ekhasini lakhe ku-Instagram azisa abalandeli bakhe ukuthi useyalulama, wabonga imithandazo nokwesekwa akutholayo.
“Uthando nokwesekwa engikutholayo kuyangimangaza kakhulu. Ngibonga imithandazo eningeseke ngayo. Emzimbeni angithikamezekanga kodwa inkinga eyaba khona, wukuphazamiseka kokukhuluma. Nokho kodwa nsuku zonke ngiya ngiba ngconywana,”’ usho kanje.
ULira wahlaselwa yilokhu kugula eseGermany ngenyanga edlule.
Uthe okwamanje usazothatha ikhefu emculweni ukuze akwazi ukugxila ekutheni alulame ngokuphelele.
Ucele ukuthi abantu baqhubeke bamkhulekele kuze kulunge konke.