USWELE amaphiko okundiza uPhilile Mngadi (21) ozoyomela iNingizimu Afrika emncintiswaneni iWorld Skills ozoba seKazan, eRussia,
ngo-Agasti.
UPhindile wenza i-learnership ye-Electrical Engineering esikhungweni sokuqeqesha amakhono se-Edison Power Group (EPG) lapho eqale khona ngoMashi ka2017.
“Ngabona udaba lokuthi kunesikhungo sikasomabhizinisi, uMnuz Vivian Reddy, esidinga abafundi ngase ngifaka isicelo sami ngenhlanhla ngaphumelela. Ngaphambi kokungena kule learnership bengiseThekwini College ngenza i-Electrical Engineering. Namanje ngisaqhuba yona futhi iyona engihambisa eRussia.
“Ngiyajabula kakhulu ukuthi ngizoyoncintisana nabafundi bakwamanye amazwe bemikhakha ehlukene. Ngiyazi kuningi engizokufunda,” kusho uPhindile.
Umncintiswano weWorld Skills uqala ngo-Agasti 22 uphele ngo-Agasti 27. Uhlanganise abafundi bamazwe awu-60 abazobe bencintisana.
UPhindile waseMzinyathi, eNanda, uthe wayefunda eThokozani High khona eNanda, enza iPhysics neMaths.
Ugqugquzele abantu abasha ukuthi bagxile kulokho abakufunayo banganaki isimo sabo njengamanje kodwa basebenze ngokuzikhandla ukuze baphumelele.
“Mina bengifunda ngeNational Student Aid Financial Aid Scheme, angikaze ngicabange ukuthi ngizoya eRussia ngelinye ilanga.
“Ngiphuma emndenini efana neminye yabamnyama.
“Angisenaye umama, sewashona ngisele nobaba. Angizange nginake isimo sasekhaya. Ngiye ngabheka kulokho engikuthandayo, ngafunda ngakho nozakwethu ngiyacela bafunde,” kusho uNksz Mngadi.
Uthe abantu abasha kufanele bayeke nokuqhathanisa impilo yabo neyozakwabo abasheshe baphumelela ngoba lokhu yikona okufakela abanye ingcindezi bagcine sebebona sengathi akumnandi ukuphila.
UMnuz Brian Mpono obhekelele ezokuxhumana e-Edison Power Group, uthe uSihlalo wale nkampani, uReddy, uyakuthanda ukuthuthukisa abantu abasha ukuze bakwazi ukuba nempilo engcono.
Uthe wunyaka wesine beqeqesha abantu abasha emikhakheni ehlukene futhi bayaziqhenya ngoPhilile ngoba wacela ukuthi angenele lo mncintiswano kuMnuz Derrick Nzama obhekelele ezabasebenzi e-Edison Power Group.
“Ngaphambi kokuthi uye eRussia kunezivivinyo ongena kuzo kusukela esifundeni okuso, kuya kwisigaba sesifundazwe bese kuyiwa kuzwelonke. UPhilile uphumelele kuzo zonke lezi zigaba njengoba eseya eRussia.
“UMnuz Reddy nesikhulu esiphezulu sale nkampani, uMnuz Bazil Govender, bayakuthanda ukunika ithuba abantu, abakhethi bala ngoba bafuna izwe libe nekusasa eliqhakazile nabantu bakwazi ukuzimela,” kusho uMpono.