UFUNA izimpendulo umndeni wekhehla laseMabomvini, eMsinga othi libulawe ngamaphoyisa abezofuna isibhamu kulo.
Umndeni kaMnuz Sholakhe Mabhelevana Ngubane (85), uthi ushone ngesikhathi encishwe umoya ngeshubhu leplastiki ebelisetshenziswa ngamaphoyisa agasele kulo mndeni ngoLwesine.
Lo mndeni uthi la maphoyisa afika phakathi kwamabili athi azofuna isibhamu, okuthe uma umufi esilandula amfaka eshubhini, wawela phansi, elinye lahlala kuye esifubeni.
Kuthiwa la maphoyisa afike ehamba nomunye womakhelwane owaziwa yilo mndeni obeboshwe ngozankosi. Lo wesilisa uthe amaphoyisa abezofuna isibhamu sohlobo lwe-38mm okwakungesendodana yakhe.
Indodana kamufi, uMnuz Mfano Ngubane, ithe lo makhelwane uthe lesi sibhamu besifunwa kuye, yena wawatshela amaphoyisa ukuthi sikuyise.
“Ubaba uwatshelile amaphoyisa ukuthi asikho leso sibhamu sathathwa ngamaphoyisa ngo-1986, ngemuva kokushona kukamfowethu. Amaphoyisa amphikisa athi uqamba amanga, amtshela ukuthi uzolikhuluma iqiniso, amfaka iplastiki ebusweni. Kwale noma esewile, elinye lihlale kuye esifubeni. Ngithe ngiyakhuza ngibuza ukuthi bayabona yini ukuthi uzoshona, amabili eza kimi angibamba, umama naye ubelokhu ekhuza, ebuza ukuthi bayabona yini ukuthi usethule baqhubeka. Balikhiphe esethambile ishubhu, amthela ngamanzi ebusweni nasemzimbeni wangabe esavuka, emuva kwalokho ahamba, nomakhelwane abebefike nawo wasala endlini,” kusho yena.
UMNUZ Sholakhe Mabhelevana Ngubane okusolwa ukuthi uncishwe umoya ngamaphoyisa abezofuna isibhamu, washona Isithombe: Sithunyelwe
Uqhube wathi kuningi lo mndeni ongakuqondi ngalesi sehlekalo njengokuthi amaphoyisa bekwenziwa yini ukuthi isibhamu okuthiwa esendodana yakulo mndeni siyofunwa kwamakhelwane nokuthi kungani amaphoyisa azishiye ngaphesheya komfula izimoto, okuholele ekutheni lo mndeni ungaziboni ukuthi bekungezakusiphi isiteshi. Okuyimpicabadala ukuthi uthi esiteshini samaphoyisa sakule ndawo kuthiwa awekho amaphoyisa abejutshwe kulo mndeni futhi awekho awangaphandle abike ukuthi asendaweni.
“Eminyakeni emibili eyedlule ubaba uke wabhekana nabomthetho bezofuna sona isibhamu, bafika esesikoleni lapho egada khona, bacela isibhamu ayesisebenzisa njengoba ayengunogada, wabanika, akazange ashaywe. Kuyaxaka lokhu ukuthi izikhwepha zamadoda, zifake umuntu omdala, obuthaka ishubhu. Bekusaphele amasonto amathathu ebuye esibhedlela,” kusho yena. UNgubane uzongcwatshwa ngeSonto. Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Col Thulani Zwane, uthe lolu daba ludluliselwe ophikweni oluphenya ngamacala athinta amaphoyisa.
UMnuz Moses Dlamini uthe uzophawula ngokugcwele uma esethole imininingwane egcwele ephuma kozakwabo bakulesi sifundazwe, izolo, ubengakayitholi.