UKUNGQUBUZANA okuba phakathi kosopolitiki nezikhulu eziphethe omasipala, kwenza kungabibikho ukusebenzisana okuhle. Lokhu kugcina sekuholele ekutheni kume nse, ukuhlinzekwa kwemiphakathi ngentuthuko.
Lokhu kudalulwe yinhloko yoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Thando Tubane ekhuluma neSolezwe.
UTubane uqhube wathi kwesinye isikhathi imikhandlu ikhala ngokuthi ayiyitholi imali kodwa uma sekubhekwa ukuthi yenzani ngale esuke yabelwe yona, kungabonakali lutho.
Ugcizelele ukuthi abantu kumele bayazi futhi bayikhumbule ngaso sonke isikhathi imisebenzi abaqashelwe yona futhi kungabibikho ogxambukela ezintweni ezingahlangene naye.
Lesi sikhulu senze isibonelo ngoyimenenja kumasipala iNdwedwe uMnuz Musawenkosi Hadebe noyiMeya yawo uMnuz Nkosinathi Chili, awathi akekho ophazamisa omunye emsebenzini wakhe.
“UHadebe unikwa igunya lokusebenza ngokukhululeka akwazi ukuthatha izinqumo ngaphandle kokuthi kube khona abamphazamisayo. Kuyaye kuthi izinqumo azethula kubaphathi bakhe, okuyimeya nesigungu esilawula umkhandlu, athole ukuthi bayameseka kuzona,” kuchaza uTubane.
Uthe ukusebenzisana okunjena akuvamisile ukubonakala kwabanye omasipala ngoba kukhona abantu abavele bagxambukele emisebenzini yabanye abantu, zigcine zimapeketwane izinto. Waqhuba wathi into ebuhlungu abayibona komasipala abaningi esifundazweni ukuthi akukho ukuhanjiswa kwezidingo kubantu, yize isuke ikhona imali yokwenza lowo msebenzi.
UTubane thi nsukuzaphuma abezindaba babika ngemikhandlu okudliwa khona imali izimo ezimapeketwana.Udalule nokuthi uke wabamba umhlangano abebizelwe kuwona oKlebe, befuna ukubopha imenenja kamasipala omncane (angawudalulanga igama lawo) ngoba ithenge iloli elithuthela umphakathi amanzi.
“Ngabatshela ukuthi umsebenzi wokuhlinzeka abantu amanzi, ikakhulukazi ngalesi sikhathi seCovid-19, owawo wonke umuntu. Akusiwona umsebenzi wemikhandlu emikhulu kuphela. Ngeke umasipala uhlale phansi ubukele abantu bengenawo amanzi,” kusho uTubane.
Uthe inkinga yamanzi iyaziwa komasipala ngakho omasipala abancane abangahlali phansi, babukele abantu bengenawo amanzi ngoba kulindwe umasipala omkhulu wesifunda ukuba ubahlinzeke amanzi.