INDLUZULA nobudlova yikhona okungaba yimbangela yokuthi iqembu ebelibonakala liza kabi okhethweni, iBlack First Land First (BLF), lishaye udaka.
Lowo ngumbono womhlaziyi wezepolitiki uSolwazi Bheki Mngomezulu oxoxe neSolezwe ngoMgqibelo ephawula ngokhetho.
Leli yiqembu elisanda kuvela kwezepolitiki eliholwa uMnuz Andile Mngxitama oke waba kwi-EFF phambilini. I-BLF ngokwezibalo ikleliswe
namanye amaqembu amancane athole amavoti amancane kakhulu.
Igcine isabisa ngokuya enkantolo ifuna ukhetho luqalwe phansi ihambisana nozakwabo abathole amavoti angeke abayise ndawo.
UMngomezulu uthi noma ngabe iqembu lezepolitiki linomyalezo omuhle kodwa uma lingenayo indlela yokuwubeka kahle kujika kufane nomdlalo nje.
“Into yokuqala eyethuse abaningi ukuthi iBLF ikhethe ibala uma ifuna amalungu. Umthetho wayo wokwemukela abamnyama kuphela awejwayelekile njengoba kubuswa ngentando yabantu kuleli. Benza izinto ngobudlova bakhohlwe ukuthi bakhuluma nabantu,” kusho uMngomezulu.
Uthe kufanele basike iphethini eqenjini i-EFF ebiyenza izinto ngobudlova kodwa yaya ngokuya yehlisa ulaka yakhuluma izinto kahle ngoba ibona ukuthi iyabethusa abantu.
UMngomezulu ukhale ngokuthi ubudlova bugcina benza abantu bangathembi kahle ukuthi kunobuholi obuqotho.
Uveze nokuthi asemancane amathuba okuthi iBLF ithole izihlalo ePhalamende njengoba ukubala bese kuya ngasemaphethelweni kodwa izibalo zayo zingakhuphuki nhlobo.
“Uma bebe nayo inhlanhla bangathola cishe sibe sinye kodwa angiboni ukuthi likhona ithemba uma ubheka indlela abenze ngayo.’’ kuchaza uMngomezulu.
UNobhala -Jikelele weBLF, uMnuz Siphesihle Jele, uthi ukhetho belunokwenzelela wathi maningi amavoti abo alahlekile ngenxa yobudedengu.
Uthi abayizwa kahle indaba yokuthi babe ngaphansi kweFreedom Front Plus emangaze abaningi ikhula ngezibalo.