UKHALA ezimathonsi owesifazane waseBhamshela oxoshwe ngumyeni emzini wabo ngemuva kokuthi inyanga imsole ngokuphinga nokukhuleliswa umngani womyeni. UNkk Zanele Mahlaba (36) usephenduke umabuya emendweni njengoba esebuyele kubo ngemuva kokuxoshwa ngumyeni wakhe emzini wabo eNewlands West eThekwini.
Ufuna kugezeke igama lakhe njengoba ethi umyeni wadlala inyanga mbumbulu eyabaxabanisa.
“Umyeni wami ungixoshe emzini wethu nengane yentombazane inamasonto amathathu izelwe. Ingane yethu isineminyaka emibili manje kayimazi uyise. Akafuni nokuyibona ngoba ukholwa wukuthi umbathiswa ibhantshi. Angimazi noma udungwe yimithi yale nyanga yini. Inkinga akafuni ukuthi siyokwenza iDNA,” kusho uNkk Mahlaba.
Uthe okumphatha kabi ukuthi le ngane umyeni wakhe angayifuni ingane yabo yokuqala ephilayo.
“Ngaphuphunyelwa izisu kwaze kwaba kathathu emshadweni. Sishade ngo-2009 ngoMashi kodwa ngo-Okthoba ngathola ukuthi uthandana nosisi asebenza naye owayekhona ngisho emshadweni wethu. Ngathola lokhu ngokupequlula ifoni yakhe ngoba ngimsola. Ngo-2011 ngathola ukuthi sebenengane ngemuva kokubona izithombe zengane ishuthe emotweni yomyeni wami. Ngehlisa umoya ngayamukela ingane ngoba ngihluleka ukukhulelwa,” kusho uNkk Mahlaba.
Uthe ngo-2012 wachithekelwa izisu kwaze kwaba kabili esesithathu sachitheka ngo-2013.
“Ngo-2014 ngiphinde ngakhulelwa, kwaqala izinkinga. Umyeni wami wayengafuni nokungibheka. Ngangizithsela ukuthi uyangaliswa, ngabekezela ngoba ngithi kuzolunga uma sekukhona ingane. Kunokuthi kulunge kuvele kwanyukela ngoba wangiyisa enyangeni yakhe oBonjeni kwaMhlabuyalingana eyathi ngiphinge nomngani wakhe ngaze ngakhulelwa,” kusho uNkk Mahlaba.
Uthe wacela ukuba kwenziwe ulibofuzo, umyeni wakhe wabhoka ngolaka, ngisho ebizwa enkantolo akalubhadi.
“Ngifuna kugezeke igama lami. Bengingafuni ukuthi size sidivose ngoba ngibona engathi udlale inyanga. Ngiyamkhumbula umyeni wami, wayengiphethe kahle. Namanje ingane uyondla ngenkantolo,” kusho uNkk Mahlaba.
Ethintwa umyeni uMnuz Robert Mahlaba uthe izindaba zomuzi wakhe akathandi ukuzixoxa emaphepheni, unomndeni yena. Osolwa ngokukhulelisa uNkk Mahlaba uMnuz Mandla Dlamini uthe, uNkk Mahlaba wamtshela ngalezi zinsolo kodwa akazange azinake.
“Wangitshela sekunezinkinga phakathi kwami nomngani wami. Kungakuhle uma bengenza iDNA, ingane ngeyakhe. Le nyanga kumele iyekiswe ukusebenza ngoba umsebenzi uyayihlula, ihlakaze umuzi womngani wami,” kusho uDlamini.