UKHALA esikaNandi owesifazane waseLamontville, okuthunjwe usana lwakhe lunezinsuku eziyisithupha luzelwe. Kuvela ukuthi luthathwe ngoMsobuluko ngowesifazane osekhulile, obezenza umuntu onesihawu enkabeni yedolobha iTheku.
UNksz Elizabeth Zama (31), uthi ngesikhathi ehlelwa yilesi sigameko, ubephuma esibhedlela iKing Edward, kade eyokwenzela uSibonelo (usana) isitifiketi. Uthi ngesikhathi ehlangana nalo wesifazane oseqinile, ubemi nomunye esangweni lesibhedlela ngesikhathi uNksz Zama ephuma, wazenza onesihawu.
“Wangibuza ukuthi ngiphila kanjani, ngamchazela ngesimo nokuthi anginabo abazali. Wathi asigibele itekisi siyothengela ingane izingubo zokugqoka kwa-Ackermans, esho nokuthi ujwayele ukusiza amantombazane asesimeni engikuso. Safika kulesi sitolo kubiza kakhulu sadlulela kwaPep kuWest Street, ngaphambi kokuthi singene eShoprite, ” kusho uNksz Zama.
Uthe ngemva kokuthenga izingubo zokugqoka ngoR200 kwaPep, bangena eShoprite wathenga ayezokudinga endlini ngoR300, wayesecela owesifazane ukuthi ambambele ingane nesikhwama sezimpahla ngesikhathi ekhokha, okuthe ngokuphazima kweso wanyamalala.
Ngesikhathi Isolezwe livakeshele umndeni izolo, isimo besimuncu, amalungu omndeni edangele ngalesi senzo. Unina wosana ubehlezi egone ublankethi womntwana othunjiwe.
“Ngamthemba ngibona kuwumuntu wesifazane osekhulile olingana noma wami, kanti ngiyazibulala. Angazi ingane ikhala kuphi lapho ikhona nokuthi isesimeni esinjani. Ngesikhathi ngiphuma, abebedayisa ummbila eduze kwesitolo bathi bambona egibela itekisi kwabe ukunyamalala kwakhe. Ngazama ukumbheka ngabikela namaphoyisa ngosekwehlile kodwa kwase kungemva kwendaba,” kubalisa unina womntwana.
Uveze ukuthi esikhwameni esasinezimpahla zengane, kukhona umazisi wakhe nesitifiketi sokuzalwa sengane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile uthe amaphoyisa aphenya icala lokuthumba esiteshini samaphoyisa eDurban Central
“ Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi olungalekelela amaphoyisa ophenyweni lawo, ukuthi athinte uSergeant Zulu kwethi: 082 750 8947/031 325 4079 noma beshayele inombolo yokubika ngobugebengu ethi:10111,” kusho uCaptain Gwala.