SIZWE BLOSE
UYAFA yinjabulo obebhidisa ikhwaya yaseKZN enqobe umncintiswano obizwa nge Clash of the Choirs, obukhonjiswa kuMzansi Magic, Channel 161.
Engxoxweni uRobbie Malinga abe nayo ne Solezwe ngemuva kokuba behambise isheke likaR250 000 kwiKhwezi Charity Home, eMandeni, uthe kuyamjabulisa ukuthi ubuyisele isicoco eKZN nokuthi imali abayishiye eMandeni izokwenza umehluko omkhulu kuleli khaya. “Bekuthi noma kumenyezelwa imiphumela ngishaye umthandazo omncane ngicabanga ukuthi kumele ngempela iKhwezi liyithole le mali ngoba liyayidinga,” kusho uRobbie obezwakala ukuthi uhluleka nawukuzibamba yinjabulo.
Ebuzwa ukuthi kungani ikhwaya yakhe ibigqoke imvunulo kodwa yena egqoke isudi, uthe ubazi ukuthi izogqoka ezase-Afrika ngakho yena wakhetha ukugqoka ezaseNtshonalanga kwazise ibimele iNingizimu Afrika yonke manje hhayi isifundazwe iKZN kuphela. “Empeleni bengifuna wonke umuntu azizwe emukelekile kule khwaya. Kuliqiniso ukuthi kuwine iKZN kodwa izomela iNingizimu Afrika noma i-Afrika yonkana lapho ihamba khona,” kusho uRobbie.
Isolezwe lihlangane noRobbie estudiyo sikaDJ Tira ematasa edidiyela ingoma yokubonga inkululeko kuyona okuneBig NUZ noSfiso Ncwane wathi noma ikanjani izothokozelwa abantu abaningi. Uthe ukuthokozela kakhulu ukusebenza nabaculi baseKZN. Useke wasebenza nabaculi abafana noFiso noNaima Kay bakhona kulesi sifundazwe.
Uthe yize ezalelwe wakhulela eSoweto kodwa bekuhlezi kuyisifiso sakhe ukuthi ngelinye ilanga asebenzisane nesifundazwe iKZN.
Ubonge uMnyango wazobuCiko namaSiko KwaZulu Natal ngokubeseka njengoba bekade begaya amavoti kubantu. “Ngibonga bonke abavotele iTeam Robbie, nabebebambe iqhaza njenge Solezwe, Igagasi FM, Ukhozi FM, Afrotainment nabo bonke abantu abafake isandla ngeke ngabala wonke umuntu kodwa bayazazi,” kusho uRobbie.